Isimangaliso senduku kaMose
1UJehova wathi kuMose: Bheka, ngikwenzé ube-njengonkulunkulu kuFaro; uAroni umfowenu uyakuba-ngumprofethi wakho.
2Wena uyakukhuluma konke engikuyala ngakho; uAroni umfowenu uyakukhuluma kuFaro ukuba abavumele abantwana bakwaIsrayeli ukuphuma ezweni lakhe.
3Mina ngiyakuyenza inhliziyo kaFaro ibe-lukhuni, ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe.
4Kepha uFaro akayikunilalela; ngiyakubeka isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe amabandla ami, isizwe sami, abantwana bakwaIsrayeli, ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu.
5AbaseGibithe bayokwazi ukuthi nginguJehova, nxa ngelula isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe abantwana bakwaIsrayeli phakathi kwabo.
6OMose noAroni benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile, benze njaloke.
7UMose wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili, uAroni eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nantathu, mhla bekhuluma kuFaro.
8UJehova wakhuluma koMose noAroni, wathi:
9Nxa uFaro ekhuluma kini, ethi: Zifakazeleni ngesimangaliso, uyakusho kuAroni ukuthi: Thatha induku yakho, uyiphonse phansi phambi kukaFaro, ukuze iphenduke inyoka.
10OMose noAroni bangena kuFaro, benza njengalokho uJehova ebayalile; uAroni waphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro naphambi kwezinceku zakhe, yaphenduka inyoka.
11Khona uFaro wabiza izihlakaniphi nabalumbi; izanusi zaseGibithe nazo zenze njalo ngemilingo yazo.
12Ngokuba yilowo nalowo waphonsa phansi induku yakhe, zaphenduka izinyoka; kepha induku ka-Aroni yagwinya izinduku zabo.
13Inhliziyo kaFaro yaba-lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.
Izinhlupheko zaseGibithe. Eyokuqala: amanzi aphenduka igazi
14UJehova wayesethi kuMose: Inhliziyo kaFaro ilukhuni: uyenqaba ukuba abantu bahambe.
15Yana kuFaro kusasa ekuseni; bheka, uyaphuma ukuya emanzini; yima ogwini lomfula ukumhlangabeza; induku eyaphenduka inyoka woyiphatha ngesandla sakho.
16Wothi kuye: UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, ungithumé kuwe, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze ehlane; bheka, kuze kube-manje awulalelanga.
17UJehova usho kanje, uthi: Ngalokhu uyokwazi ukuthi nginguJehova: bheka, ngenduku esesandleni sami ngiyakushaya phezu kwamanzi asemfuleni, aphenduke igazi.
18Izinhlanzi ezisemfuleni ziyakufa, umfula unuke; abaseGibithe bayakunengwa ngukuphuza amanzi emfuleni.
19UJehova wathi kuMose: Yisho kuAroni, uthi: Thatha induku yakho, welule isandla sakho phezu kwamanzi aseGibithe, naphezu kwemifula, naphezu kweminonjana yabo, naphezu kweziziba, naphezu kwamachibi amanzi abo onke ukuba aphenduke igazi, kube-khona igazi ezweni lonke laseGibithe ezitsheni zemithi nasezitsheni zamatshe.
20OMose noAroni base bekwenza-ke njengalokho uJehova ebayalile; waphakamisa induku, washaya amanzi asemfuleni emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe; onke amanzi asemfuleni aphenduka igazi.
21Izinhlanzi zasemfuleni zafa; umfula wanuka; abaseGibithe babengenakuphuza amanzi asemfuleni; igazi lalikhona ezweni lonke laseGibithe.
22Izanusi zaseGibithe zenze njalo ngemilingo yazo, yaze yaba-lukhuni inhliziyo kaFaro; kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.
23UFaro waphenduka wangena endlini yakhe, kayibekanga inhliziyo yakhe nakulokho.
24AbaseGibithe bemba nxazonke zomfula ukuthola amanzi okuphuza, ngokuba babengenakuphuza amanzi asemfuleni.
25Zaphelela izinsuku eziyisikhombisa, selokhu uJehova eshayile umfula.