Izinkozi nomvini
1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2Ndodana yomuntu, yisho imfumbe, ukhulume ngomfanekiso kuyo indlu vakwaIsrayeli,
3uthi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu noluzimpaphe zalo zinkulu, lugcwele izimpaphe ezinemibala eyahlukeneyo, lweza eLebanoni, lwathatha isihloko somsedari*,
4lwanquma igatsha elisha eliphezulu, lwaliyisa ezweni labahwebi, lwalibeka emzini wabathengi.
5Lwathatha nasembewini yezwe, lwayitshala emhlabathini othelayo, lwayibeka ngasemanzini amaningi, lwayifaka njengomnyezane.
6Yamila, yaba-ngumvini owenabayo, omfushane ngesimo, ukuze amagatsha awo abhekane nalo, nezimpande zawo zibe-phansi kwalo; waba-ngumvini-ke, waveza amagatsha, wakhipha amahlumela.
7Kepha kwakukhona nolunye ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu nezimpaphe eziningi; bheka, lomvini wabhekisa izimpande zawo kulo, waphumisela kulo amagatsha awo ukuba luwunisele kunemisele lapho wawutshalwé khona.
8Wawusemhlabathini omuhle ngasemanzini amaningi ukuba uveze amagatsha, uthele izithelo, ube-ngumvini omuhle.
9Thana: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Uyakuphumelela na? Aluyikusiphula izimpande zawo, lunqume izithelo zawo, ukuze ubune, kubune onke amaqabunga ahlumelelayo, besekungafuneki amandla amakhulu nabantu abaningi ukuwusiphula ngezimpande zawo, na?
10Bheka, lapho usutshaliwe, uyakuphumelela na? Awuyikubuna nokubuna, lapho umoya wasempumalanga uwuthinta, ubune emiseleni lapho uhlumele khona, na?
11Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
12Thana kuyo indlu ehlubukayo: Anazi ukuthi lezizinto ziyini? Yisho ukuthi: Bheka, inkosi yaseBabele yafika eJerusalema, yathatha inkosi yalo nezikhulu zalo, yabayisa kuyo eBabele.
13Yayisithatha owenzalo yobukhosi, yenza isivumelwano naye, yamngenisa phansi kwesifungo, yasusa abakhulu bezwe,
14ukuze umbuso uthotshiswe, ungaziphakamisi, kepha ume ngokugcina isivumelwano sakhe.
15Kepha wahlubuka kuyo ngokuthuma izithunywa zakhe eGibithe ukuba aphiwe amahashi nabantu abaningi. Uyakuphumelela, uyakubaleka yini owenzayo lokho, uyakusaphula isivumelwano, aphunyuke, na?
16Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, impela endaweni yenkosi eyambeka inkosi, esifungo sayo wasidelela, nesivumelwano sayo wasaphula, uyakufa naye phakathi kweBabele.
17UFaro akayikumenzela impi enkulu nebandla elikhulu empini, lapho benqwabela iduli, bakhe izinqaba, ukuze banqume abantu abaningi.
18Ngokuba udelele isifungo ngokusaphula isivumelwano, wakwenza konke lokhu, noma enikile isithembiso sakhe; bheka, kayikuphunyuka.
19Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kuphila kwami, impela isifungo sami asideleleyo nesivumelwano sami asaphulileyo ngiyakukwehlisela phezu kwekhanda lakhe.
20Ngiyakweneka inetha lami, abanjwe ogibeni lwami, ngimyise eBabele, ngimahlulele khona ngeseqo sakhe eqé ngaso kimi.
21Bonke ababalekayo bakhe kuwo onke amaviyo akhe bayakuwa ngenkemba, nabaseleyo bayakuhlakazelwa kuyo imimoya yonke, nazi ukuthi mina-Jehova ngikukhulumile.
22Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nami ngiyakuthatha esihlokweni somsedari* omude, ngisitshale, nginqume emagatsheni amasha aphezulu elithambileyo, ngilitshale entabeni ende ephakemeyo,
23ngilitshale empakameni yentaba yakwaIsrayeli, liveze amagatsha, lithele izithelo, libe-ngumsedari* omuhle, kuhlale phansi kwamagatsha onke izinyoni zezinhlobo zonke, zihlale ethunzini lamagatsha alo.
24Yonke imithi yasendle iyakwazi ukuthi mina-Jehova ngiwisile umuthi omude, ngiphakamisile umuthi omfushane; ngomisile umuthi oluhlaza, ngihlumisile umuthi owomileyo. Mina-Jehova ngikukhulumile, ngakwenza.