Isigodi samathambo omileyo
1Isandla sikaJehova sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaJehova, sangibeka phakathi kwesigodi; sasigcwele amathambo.
2Wangidlulisa kuwo, ngawazungeza; bheka, ayemaningi kakhulu ebusweni besigodi, futhi bheka, ayomile kakhulu.
3Wayesethi kimi: Ndodana yomuntu, lawamathambo angaphila na? Ngathi: Nkosi Jehova, wena uyazi.
4Wayesethi kimi: Profetha phezu kwalawamathambo, uthi kuwo: Ninamathambo omileyo, zwanini izwi likaJehova.
5Isho kanje iNkosi uJehova kulawamathambo, ithi: Bhekani, ngiyakungenisa kini umoya, niphile.
6Ngiyakubeka imisipha phezu kwenu, ngihlumise inyama phezu kwenu, nginimboze ngesikhumba, nginike umoya, niphile, nazi ukuthi nginguJehova.
7Ngaprofetha njengalokho ngiyaliwe, nalapho ngiprofetha kwaba-khona umsindo nokugunquza; amathambo asondelana, ithambo kulo ithambo.
8Ngase ngibona; bheka, kwakukhona imisipha phezu kwawo, kwahluma nenyama, nesikhumba sawasibekela ngaphezulu, kepha umoya wawungekho kuwo.
9Wayesethi kimi: Profetha kuwo umoya, profetha, ndodana yomuntu, uthi kuwo umoya: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Woza, moya, uvele emimoyeni yomine, uphefumulele laba ababuleweyo ukuba baphile.
10Ngaprofetha njengalokho ngiyaliwe; umoya wangena kuwo, aphila, ema ngezinyawo zawo, impi enkulu kakhulu impela.
11Wayesethi kimi: Ndodana yomuntu, lawamathambo ayindlu yonke yakwaIsrayeli; bathi: Bheka, amathambo ethu omile, ithemba lethu liphelile, sinqunyiwe.
12Ngalokho profetha, uthi kubo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuvula amathuna enu, nginikhuphule emathuneni enu nina-bantu bami, nginiyise ezweni lakwaIsrayeli.
13Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho sengiwavulile amathuna enu, nganikhuphula emathuneni enu nina-bantu bami.
14Ngiyakuwufaka uMoya wami kini, nize niphile, nginibeke ezweni lakini, nazi ukuthi mina-Jehova ngikhulumile, ngakwenza, usho uJehova.
Izinti ezimbili
15Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
16Wena-ndodana yomuntu, zithathele induku, ulobe kuyo ngokuthi: EkaJuda neyabantwana bakwaIsrayeli, abangane bakhe; thatha enye induku, ulobe kuyo ngokuthi: EkaJosefa, induku kaEfrayimi neyendlu yonke yakwaIsrayeli, abangane bakhe,
17uzisondeze enye kwenye, zibe-yinduku inye, zibenye esandleni sakho.
18Lapho abantu bakho bekhuluma kuwe, bathi: Ungesitshele ukuthi lezi ziyini kuwe na?
19khuluma kubo, uthi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyithatha induku kaJosefa esesandleni sikaEfrayimi nezizwe zakwaIsrayeli, abangane bakhe, ngiyibeke endukwini kaJuda, ngizenze zibe-yinduku inye, babe-munye esandleni sami.
20Izinduku oloba kuzo ziyakuba-sesandleni sakho phambi kwamehlo abo.
21Khuluma kubo, uthi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuthabatha abantwana bakwaIsrayeli ezizweni lapho baya khona, ngibabuthe nxazonke, ngibayise ezweni lakubo,
22ngibenze isizwe sinye ezweni, ezintabeni zakwaIsrayeli, kube-yinkosi inye kubo bonke, bangabe besaba-yizizwe ezimbili, bangabe besahlukaniselwa imibuso emibili.
23Abasayikuzingcolisa ngezithombe zabo, nangokuzondekayo kwabo, nangesisodwa seziphambeko zabo, kepha ngiyakubasindisa kukho konke ukuhlehla kwabo aboné ngakho, ngibahlambulule, baze babe-ngabantu bami, mina ngibenguNkulunkulu wabo.
24Inceku yami uDavide iyakuba-yinkosi phezu kwabo, kube-ngumalusi munye kubo bonke; bayakuhamba ezahlulelweni zami, bagcine izimiso zami, bazenze.
25Bayakuhlala ezweni engiliniké inceku yami uJakobe, ababehlala kulo oyihlo; bayakuhlala kulo, bona nabantwana babo, nabantwana babantwana babo kuze kubephakade, uDavide inceku yami abe-yisikhulu sabo kuze kube-phakade.
26Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo, sibe-yisivumelwano esiphakade nabo; ngiyakubamisa, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube-phakade.
27Itabernakele* lami liyakuba-phezu kwabo; ngiyakuba-nguNkulunkulu wabo, bona babe-ngabantu bami.
28Izizwe ziyakwazi ukuthi mina-Jehova ngiyangcwelisa uIsrayeli, lapho indlu yami engcwele ikhona phakathi kwabo kuze kube-phakade.