Isiprofetho ngoGogi
1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuGogi, izwe likaMagogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali, uprofethe ngaye,
3uthi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe-Gogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali;
4ngiyakukuguqula, ngifake izingwegwe emihlathini yakho, ngikukhiphe kanye nayo yonke impi yakho, amahashi nabamahashi, bonke bembethe kahle kakhulu, iviyo elikhulu elinamahawu nezihlangu, bonke bephethe izinkemba,
5iPheresiya, neKushe, noPhuthi kukanye nabo, bonke benezihlangu nezigqoko zensimbi,
6iGomere nawo onke amaviyo alo, indlu kaThogarma ngasekugcineni kwasenyakatho nawo onke amaviyo akhe, abantu abaningi kanye nawe.
7Lungela, yebo, uzilungisele, wena nawo onke amaviyo akho abuthene kuwe, ube-ngumgcini wawo.
8Emva kwezinsuku eziningi uyakubuthwa; ngeminyaka yokugcina uyakungena ezweni elibuyiswé enkembeni, liqoqwé ezizweni eziningi, ezintabeni zakwaIsrayeli ezaziyincithakalo njalo, eselikhishiwe kubantu, bahlale belondekile bonke.
9Uyakukhuphuka, ufike njengesivunguvungu, usibekele izwe njengefu, wena nawo onke amaviyo akho, nabantu abaningi kanye nawe.
10Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kuyakuthi ngalolosuku kuvele izinto enhliziyweni yakho, ucebe amacebo amabi.
11Uyakuthi: Ngiyakwenyukela ezweni elisobala, ngiye kwabazinzileyo abahlala belondekile, bonke abahlala bengenalugange, kungekho kubo imigoqo nezicabha,
12ukuze uphange impango, ubamuke impahla, besewuphendulela isandla sakho ezindaweni ezichithekileyo esezakhiwe nakubantu asebebuthiwe ezizweni, bezuza imfuyo nempahla, behlala enkabeni yezwe.
13ISheba, neDedani, nabathengi baseTharishishi kanye nazo zonke izingonyama zakho kuyakusho kuwe, kuthi: Ufikele ukuphanga na? Ubuthile iviyo lakho ukuba wamuke impahla, ususe isiliva negolide, uthathe imfuyo nempahla, uphange impango enkulu, na?
14Ngalokho profetha, ndodana yomuntu, uthi kuGogi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngalolosuku, lapho abantu bami uIsrayeli behlala belondekile, angithi uyakukwazi na?
15Uyakuvela endaweni yakho ekugcineni kwasenyakatho, wena nabantu abaningi kanye nawe, bonke bekhwele amahashi, iviyo elikhulu nempi enamandla,
16ukhuphukele ukulwa nabantu bami uIsrayeli njengefu lokusibekela izwe; kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami ukuze izizwe zingazi, lapho ngizingcwelisa ngawe-Gogi emehlweni azo.
17Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wena unguye engakhuluma ngaye ngezinsuku zamandulo ngezandla zezinceku zami abaprofethi bakwaIsrayeli ababeprofetha ngalezozinsuku iminyaka eminingi ukuthi ngiyakukuyisa kubo na?
18Kuyakuthi ngalolosuku lapho uGogi efika ezweni lakwaIsrayeli, isho iNkosi uJehova, ukufutheka kwami kukhuphukele emakhaleni ami.
19Ngomhawu wami nangomlilo wolaka lwami ngikhulumile, ngathi: Impela ngalolosuku kuyakuba-ngukuthuthumela okukhulu ezweni lakwaIsrayeli
20ukuba kuthuthumele phambi kwami izinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle, nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabo bonke abantu abasebusweni bomhlaba, izintaba zidilizelwe phansi, amawa awe, nezingange zonke ziwele phansi.
21Ngiyakumbizela inkemba kuzo zonke izintaba zami, isho iNkosi uJehova, inkemba yalowo nalowo imelane nomfowabo.
22Ngiyakumahlulela ngesifo nangegazi, nginise phezu kwakhe, namaviyo akhe, nabantu abaningi abanaye imvula ekhukhulayo, namatshe esichotho, nomlilo, nesibabule.
23Ngiyakuzenza-mkhulu, ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.