Umsebenzi wokwakha uyaqala futhi. UDariyu uyabhalelwa
1Abaprofethi, uHagayi umprofethi noZakariya indodana kaIdo, baprofetha kubaJuda ababekwaJuda naseJerusalema ngegama likaNkulunkulu kaIsrayeli owayephezu kwabo.
2Kwase kusuka uZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa indodana kaJosadaki, baqala ukwakha indlu kaNkulunkulu eseJerusalema; abaprofethi bakaNkulunkulu babenabo bebasiza.
3Ngasona lesosikhathi kwafika kubo uThathenayi umbusi phesheya koMfula*, noShethari-Bozenayi, nabangane babo, basho kanje kubo, bathi: Ngubani owaniyaleza ukwakha lendlu nokuqeda lolugange na?
4Khona sabatshela ukuthi angobani amagama abantu abakha lendlu.
5Kepha iso likaNkulunkulu wabo laliphezu kwamalunga abaJuda, ababathiyanga, ize iye leyondaba kuDariyu, kubuyiselwe impendulo ngayo ngencwadi.
6Nansi impinda yencwadi uThathenayi umbusi waphesheya koMfula*, noShethari-Bozenayi, nabangane bakhe ama-Afarisaki ayengaphesheya koMfula* abayithuma kuDariyu inkosi;
7bathuma incwadi kuye okulotshwé kuyo ukuthi: KuDariyu inkosi; makubengukuthula konke.
8Makwazeke enkosini ukuthi saya ezweni lakwaJuda endlini kaNkulunkulu omkhulu eyakhiwe ngamatshe amakhulu, imithi ifakwé ezindongeni; lomsebenzi uqhubeka ngesineke, unempumelelo ezandleni zabo.
9Sase sibuza kulawomalunga, sasho kuwo kanje, sathi: Ngubani owaniyaleza ukwakha lendlu nokuqeda lolugange na?
10Sabuza namagama abo ukuba sikwazise, sibhale amagama abantu ababeyizinhloko zabo.
11Babuyisela impendulo kithi, bathi: Thina siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu ekade yakhiwa sekudlulé iminyaka eminingi, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwaIsrayeli, yaqedwa.
12Kepha ngokuba obaba bese bemthukuthelisile uNkulunkulu wezulu, wabanikela esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, umKaledi, owachitha lendlu, wabamukisa, wabayisa eBabele.
13Kepha ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi yaseBabele, uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuba kwakhiwe lendlu kaNkulunkulu.
14Futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu azikhipha uNebukadinesari ethempelini elaliseJerusalema wazingenisa ethempelini laseBabele, zona lezo uKoresi inkosi wazikhipha ethempelini laseBabele, zanikwa omunye ogama lakhe lalinguSheshebasari, owayemenzé umbusi;
15wathi kuye: Thatha lezizitsha, uye uzibeke ethempelini eliseJerusalema, indlu kaNkulunkulu yakhiwe endaweni yayo.
16Wayesefika lowoSheshebasari, wabeka izisekelo zendlu kaNkulunkulu eseJerusalema; kusukela kulesosikhathi kuze kube-manje isakhiwa njalo, kayikapheli.
17Ngalokho uma kukuhle enkosini, makucingwe endlini yengcebo yenkosi elapho eBabele ukuba kunjalo yini ukuthi uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuba kwakhiwe lendlu kaNkulunkulu eJerusalema; inkosi mayithume kithi inhloso yayo ngalokho.