NgoKristu sithola ukuba sibengabantwana bakaNkulunkulu
1Kepha ngithi ngesikhathi indlalifa iseyingane, kayahlukile ngalutho encekwini, ingani iyinkosi yakho konke;
2kodwa iphansi kwabaphathi nababonisi, kuze kube-yisikhathi esamiswa nguyise ngaphambili.
3Kanjalo nathi, lapho siseyizingane, sasisebugqileni phansi kwezifundiso zobungane zezwe;
4kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,
5ukuze ihlenge abaphansi komthetho ukuba samukele ukuma kwamadodana.
6Lokhu ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: Aba, Baba!
7Njalo-ke awuseyiyo inceku, kepha usuyindodana; kepha uma uyindodana, uyindlalifa futhi ngaye uNkulunkulu.
8Kepha ngalesosikhathi ningamazi uNkulunkulu naniyizigqila phansi kwalabo abangesibo onkulunkulu ngemvelo;
9kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe-yizigqila zazo na?
10Nigcina izinsuku, nezinyanga, nezikhathi, neminyaka.
11Nginovalo ngani ukuthi mhlawumbe nginihluphekele ngeze.
12Yibani-njengami, ngokuba nami nginjengani; bazalwane, ngiyanincenga. Aningonanga ngalutho;
13kepha niyazi ukuthi kwaba-ngenxa yobuthakathaka benyama ukuba ngishumayele ivangeli kini okokuqala,
14nokulingwa kwenu ngenyama yami anikudelelanga, aninengwanga yikho, kodwa nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, ngokungathi nginguKristu Jesu.
15Pho, sekwayaphi ukuzihalalisela kwenu na? Ngokuba ngiyanifakazela ngokuthi, uma kwakungenzeka, nanizakukhipha amehlo enu, ninginike wona.
16Konje sengaba-yisitha kini ngokunishumayeza iqiniso na?
17Banishisekela ngokungekuhle, yebo, bafuna ukunivalela ngaphandle, ukuze nishisekele bona.
18Kepha kuhle ukushisekelelwa ngento enhle njalonjalo, kungabi nxa ngikhona kini kuphela,
19bantwana bami, enginemihelo futhi ngani, uKristu aze abunjwe phakathi kini;
20kepha bengingathanda ngibe-khona kini manje, ngiguqule izwi lami, ngokuba ngididekile ngani.
OSara noHagari bayimifanekiso yezivumelwano ezimbili
21Ngitsheleni nina enithanda ukubaphansi komthetho, aniwuzwa yini umthetho na?
22Ngokuba kulotshiwe ukuthi uAbrahama wayenamadodana amabili, enye kuso isigqilakazi nenye kokhululekileyo.
23Kodwa eyesigqilakazi izelwe ngokwenyama, kepha eyokhululekileyo izelwe ngesithembiso.
24Lokhu kungukufanekisa; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili, esinye ngesasentabeni yaseSinayi, esizalela ubugqila, esinguHagari.
25Kepha uHagari lo uyintaba yaseSinayi eArabiya, eqondene neJerusalema lakalokhu, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo.
26Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu.
27Ngokuba kulotshiwe ukuthi:
Thokoza wena-nyumba ongazaliyo;
mpompoloza wena ongenamihelo;
ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi
kunabakhe onendoda.
28Kepha nina-bazalwane, njengoIsaka ningabantwana besithembiso.
29Kepha njengakulesosikhathi owazalwa ngokwenyama wazingela owazalwa ngokoMoya, kunjalo-ke namanje.
30Kodwa umbhalo uthini na? Uthi: Xosha isigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yesigqilakazi ayisoze yalidla ifa kanye nendodana yokhululekileyo.
31Ngakho-ke, bazalwane, asisibo abantwana besigqilakazi, singabokhululekileyo.