Iziyalezo zokugcina
1Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina-bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.
2Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.
3Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.
4Kepha makube-yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, yikhona eyakuba-nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye,
5ngokuba yilowo nalowo uyakuthwala owakhe umthwalo.
6Kepha yena ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo omfundisayo kuzo zonke izinto ezinhle.
7Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.
8Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.
9Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
10Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
Isigcino
11Ake nibone ukuloba okungaka enginilobele ngakho ngesami isandla.
12Bonke abafuna ukubukeka enyameni, yibona abaniphoqela ukusoka, kuphela ukuba bangayikuzingelwa ngenxa yesiphambano sikaKristu.
13Ngokuba ngisho bona abasokayo nabo kabawugcini umthetho, kodwa bathanda ukuba nisoke, ukuze bazibonge ngenyama yenu.
14Kepha kimi makungabikho nakanye ukuzibonga, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi nami kulo izwe.
15Ngokuba nakusoka nakungasoki akulutho, isidalwa esisha kuphela.
16Bonke abahamba ngalendlela makube-kubo ukuthula nesihawu, yebo, kuIsrayeli kaNkulunkulu.
17Mangingabe ngisakhathazwa-muntu, ngokuba ngiphethe emzimbeni wami izimpawu zikaJesu.
18Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube-nomoya wenu, bazalwane. Amen.