Ukufa kukaSara
1Ukuhamba kukaSara kwaba-yiminyaka eyikhulu namashumi amabili nesikhombisa; yileyo iminyaka yokuhamba kukaSara.
2USara wafela eKiriyati-Araba okuyiHebroni ezweni laseKhanani; uAbrahama wafika ukumlilela uSara nokumkhalela.
UAbrahama uthenga ithuna
3UAbrahama wasuka kofileyo wakhe, wakhuluma nabantwana bakwaHeti, wathi:
4Ngingumfokazi nozulane phakathi kwenu; ngipheni indawo yethuna phakathi kwenu ukuba ngimmbele ofileyo wami, angabikho ebusweni bami.
5Abantwana bakwaHeti baphendula uAbrahama, bathi kuye:
6Sizwe, nkosi; wena uyisikhulu sikaNkulunkulu phakathi kwethu; mmbele ofileyo wakho kwelihle kuwo onke amathuna ethu; akakho phakathi kwethu ozakugodlela wena ithuna lakhe ukuba ummbele ofileyo wakho.
7UAbrahama wayesesukuma, wakhothamela abantu balelozwe, abantwana bakwaHeti,
8wakhuluma nabo, wathi: Uma kuyintando yenu ukuba ngimmbele ofileyo wami, angabikho ebusweni bami, ngizweni, ninginxusele kuEfroni indodana kaSowari
9ukuba angiphe umhume waseMakaphela anawo emkhawulweni wensimu yakhe, awunike kimi ngemali efanele wona, ube-yindawo yokumbela phakathi kwenu.
10UEfroni wayehlezi phakathi kwabantwana bakwaHeti; uEfroni umHeti wamphendula uAbrahama ezindlebeni zabantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe, wathi:
11Cha, nkosi; ngilalele: ngiyakunika lensimu, nomhume okuyo ngikunika wona; ebusweni bamadodana abantu bami ngikunika wona; mmbele lapho ofileyo wakho.
12UAbrahama wakhothamela ebusweni babantu balelozwe.
13Wakhuluma kuEfroni ezindlebeni zabantu balelozwe, wathi: Ake ungilalele: ngizakukunika imali yensimu; yamukele kimi, ngimmbele khona ofileyo wami.
14UEfroni wamphendula uAbrahama, wathi kuye:
15Nkosi yami, ngilalele: izwe elilingene namashekeli* angamakhulu amane esiliva liyini phakathi kwami nawe na? Mmbele ofileyo wakho.
16UAbrahama wamuzwa uEfroni; uAbrahama wamlinganisela uEfroni isiliva abelishilo ezindlebeni zabantwana bakwaHeti, amashekeli angamakhulu amane esiliva, avunywa ngabathengisi.
17Kanjalo insimu kaEfroni yaseMakaphela elingaphambi kweMamre, insimu nomhume okuyo, nemithi yonke esensimini nxazonke kuze kube-semikhawulweni yonke
18kwaba-yinzuzo ka-Abrahama emehlweni abantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe.
19Emva kwalokho uAbrahama wammbela uSara umkakhe emhumeni wasensimini yaseMakaphela phambi kwe-Mamre okuyiHebroni ezweni laseKhanani.
20Insimu nomhume okuyo kwase kunqunyelwa uAbrahama ngabantwana bakwaHeti, kube-yindawo yethuna.