UJakobe uyabalekela uLabani
1Wayesezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: UJakobe uthathile konke okwakungokukababa; ngokwakungokukababa uzizuzele lonke loludumo.
2UJakobe wabona ubuso bukaLabani; bheka, babungasenjengayizolo nakuthangi kuye.
3UJehova wayesethi kuJakobe: Buyela ezweni lawoyihlo nasezihlotsheni zakho; ngiyakuba-nawe.
4UJakobe wathuma wabiza oRaheli noLeya, beze endle emhlambini wakhe.
5Wathi kubo: Ngiyabubona ubuso bukayihlo ukuthi abusenjengayizolo nakuthangi kimi, kepha uNkulunkulu kababa unami.
6Niyazi nina ukuthi ngimkhonzile uyihlo ngamandla ami onke.
7Kepha uyihlo ungikhohlisile, waguqula umvuzo wami kayishumi; kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukwenza okubi kimi.
8Uma ebesho ukuthi: Ezimanakanaka ziyakuba-ngumvuzo wakho, umhlambi wonke wazala ezimanakanaka; uma ebesho ukuthi: Ezinemishwe ziyakuba-ngumvuzo wakho, umhlambi wonke wazala ezinemishwe.
9Kanjalo uNkulunkulu uthathile imfuyo kayihlo, wayinika mina.
10Kwathi ngokumitha kwemihlambi ngaphakamisa amehlo ami, ngabona ephusheni; bheka, izimpongo ezikhwela umhlambi zazingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala.
11Ingelosi kaNkulunkulu yathi kimi ephusheni: Jakobe! Ngathi: Ngilapha.
12Yayisithi: Awuphakamise amehlo akho, ubone ukuthi zonke izimpongo ezikhwela umhlambi zingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala, ngokuba ngiboné konke uLabani akwenza kuwe.
13NginguNkulunkulu waseBethele, lapho wagcoba khona insika nalapho wenza isithembiso kimi; manje vuka, usuke kulelizwe, ubuyele ezweni lokuzalwa kwakho.
14ORaheli noLeya baphendula, bathi kuye: Sisenesabelo nefa endlini kababa na?
15Asibalwanga njengabafokazi na? Ngokuba wathengisa ngathi, waqeda intengo yethu.
16Ngokuba yonke ingcebo uNkulunkulu amamuké yona ubaba ingeyethu neyabantwana bethu; manje konke uNkulunkulu akutshelé khona, kwenze.
17UJakobe wayesesuka, wakhwelisa amadodana akhe nawomkakhe emakameleni.
18Wathatha yonke imfuyo yakhe ayizuzileyo, imfuyo yokufuya kwakhe ayizuzé ePhadani-Aramu ukuba aye kuIsaka uyise ezweni laseKhanani.
19ULabani esehambile ukuyogunda izimvu zakhe, uRaheli weba izithixo zikayise.
20UJakobe wamnyenyela uLabani umAramu engamtshelanga ukuthi uyabaleka.
21Wayesebaleka nakho konke anakho; wasuka, wawela umfula, waqonda ngasentabeni yakwaGileyadi.
22Ngosuku lwesithathu uLabani watshelwa ukuthi uJakobe ubalekile.
23Wayesethatha abafowabo, wamlandela ibanga lezinsuku eziyisikhombisa, wamfica entabeni yakwaGileyadi.
24UNkulunkulu weza kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okuhle noma okubi.
25ULabani wayesemfica uJakobe. UJakobe wayemisile itende lakhe entabeni; uLabani nabafowabo bamisa entabeni yakwaGileyadi.
26ULabani wathi kuJakobe: Wenzeni, lokhu unginyenyele, wathatha amadodakazi njengabathunjwa benkemba, na?
27Ubalekeleni ngasese na? Wanginyenyelelani ungangitshelanga ukuba ngabe ngikuvalelisé ngokwenama nangezihlabelelo, ngesigubhu nangehabhu*, na?
28Awungivumelanga ukuba ngange amadodana ami namadodakazi ami. Untumazele ngalokho.
29Kusemandleni esandla sami ukwenza okubi kuwe, kepha uNkulunkulu kayihlo ukhulumile kimi ebusuku obudlule, wathi: Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okubi noma okuhle.
30Manje njengokuba usumuka impela, lokhu ulangazelela nokulangazelela indlu kayihlo, webeleni izithixo zami na?
31UJakobe waphendula, wathi kuLabani: Ngokuba ngesaba ngithi: Funa ungiqhwage amadodakazi akho.
32Kepha lowo ozakuthola kuye izithixo zakho akayikusinda; qaza phambi kwabafowethu okwakho okukimi, ukuthathe. Ngokuba uJakobe wayengazi ukuthi uRaheli wayezebile.
33ULabani wayesengena etendeni likaJakobe, nasetendeni likaLeya, nasetendeni lezincekukazi zombili; akazitholanga. Waphuma etendeni likaLeya, wangena etendeni likaRaheli.
34URaheli wayezithathé izithixo, wazifaka esihlalweni sekamela, wahlala phezu kwazo. ULabani waphumputha etendeni lonke, kepha akazitholanga.
35Wathi kuyise: Mayingathukutheli inkosi yami ukuthi anginakusukuma phambi kwakho, ngokuba indlela yabesifazane ikimi. Wanyalula, kepha akazitholanga izithixo.
36UJakobe wathukuthela, wamsola uLabani; uJakobe waphendula, wathi kuLabani: Yisiphi isiphambeko sami na? Yisiphi isono sami, lokhu ungizingele kangaka, na?
37Njengalokho usufunisisile kuyo yonke impahla yami, utholé-ntoni yezinto zonke zendlu yakho na? Yibeke lapha phambi kwabafowethu nabafowenu ukuba banqume phakathi kwethu sobabili.
38Leminyaka engamashumi amabili bengihlezi kuwe; izimvukazi zakho nezimbuzikazi zakho aziphunzanga; izinqama zomhlambi wakho angizidlanga.
39Ezidweshulwé yizilo ngangingaziyisi kuwe; kwalahlekelwa mina; wazibiza esandleni sami, noma zebiwe emini noma zebiwe ebusuku.
40Nganginjalo; emini ngaqedwa ngukushisa, ebusuku ngamakhaza; ubuthongo bami babalekela amehlo ami.
41Leminyaka engamashumi amabili bengisendlini yakho; ngakusebenzela iminyaka eyishumi nane ngamadodakazi akho omabili, neminyaka eyisithupha ngomhlambi wakho, uguqulé umvuzo wami kayishumi.
42Uma ebengenami uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, ukwEsaba kukaIsaka, ngempela ubuyakungimukisa-ze. UNkulunkulu uboné ukuhlupheka kwami nokukhathala kwezandla zami, wakusola ubusuku obudlule.
43ULabani waphendula, wathi kuJakobe: Amadodakazi angamadodakazi ami, abantwana bangabantwana bami, imihlambi iyimihlambi yami; konke okubonayo kungokwami; lawamadodakazi ami ngingawenzela-ntoni namuhla, nabantwana bawo abazalileyo, na?
44Woza manje, senze isivumelwano mina nawe, sibe-ngufakazi phakathi kwami nawe.
Ukubuyisana kukaJakobe noLabani
45UJakobe wayesethatha itshe, walimisa laba-yinsika.
46Wathi uJakobe kubafowabo: Buthani amatshe; bathatha amatshe, benza inqwaba; base bedla khona phezu kwenqwaba.
47ULabani wayiqamba ngokuthi iJegari-Sahadutha*, kepha uJakobe wayibiza ngokuthi iGaledi*.
48Wathi uLabani: Lenqwaba ingufakazi phakathi kwami nawe namuhla. Ngalokho igama layo laqanjwa ngokuthi iGaledi,
49neMispa futhi, ngokuba wathi: UJehova makalinde phakathi kwami nawe, lapho sesingasabonani.
50Uma uyakuhlupha amadodakazi ami, noma uthatha abafazi ngaphandle kwamadodakazi ami, akukho-muntu onathi; bheka, uNkulunkulu ungufakazi phakathi kwami nawe.
51Wathi uLabani kuJakobe: Bheka, lenqwaba nensika engikumisé phakathi kwami nawe,
52lenqwaba ayibe-ngufakazi, nensika ibe-ngufakazi ukuthi angiyikudlula kulenqwaba, ngiye kuwe, nokuthi wena awuyikudlula kulenqwaba nakulensika, uze kimi, ngokubi.
53UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu wawoyise, makahlulele phakathi kwethu. UJakobe wafunga ukwEsaba kukayise uIsaka.
54UJakobe wanikela ngomhlatshelo entabeni, wabiza abafowabo ukuba badle isinkwa; badla isinkwa, bahlala ubusuku bonke entabeni.
55ULabani wavuka ekuseni, wawanga amadodana akhe namadodakazi akhe, wawabusisa; wayesehamba uLabani, wabuyela endaweni yakhe.