Ukubekezela ezinhluphekweni
1Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhukuncintisana esikumiselweyo,
2sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.
3Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali, niphele amandla emiphefumulweni yenu.
4Anikamelani nezono nilwa kuze kube-segazini;
5senikhohliwe umyalo okhuluma kinina njengakubantwana wokuthi:
Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kweNkosi,
uphele amandla, nxa usolwa yiyo,
6ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo,
ishaye yileyo naleyondodana eyamukelayo.
7Bekezelani ekulayweni; uNkulunkulu uyaniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana engalaywa nguyise na?
8Kepha uma ningalaywa, abathé bonke benziwa abahlanganyeli kukho, khona-ke ningabesihlahla, anisiwo amadodana.
9Futhi-ke sasinawobaba bethu benyama abasilayayo, sabazisa; pho, asiyikuthobela uYise wawomoya kakhulu kunalokho, siphile, na?
10Ngokuba bona kambe basilaya izinsukwana njengokubona kwabo, kepha yena kube-yinsizakalo, size sithole ukuhlanganyela ubungcwele bakhe.
11Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswé yikho.
Qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo
12Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo,
13nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuba okuqhugayo kungaphinyazeki, kepha kunalokho kuphulukiswe.
14Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho angeyibone iNkosi;
15niqaphelisise kungabikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande imbe ebabayo, inixobise, kungcoliswe abaningi yiyo,
16kungabikho oyisifebe noma odumazayo njengoEsawu owathengisa ubuzibulo bakhe ngesidlo sinye nje.
17Ngokuba niyazi ukuthi, nokuba ngasemuva ethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akalitholanga ithuba lokuphenduka, noma ekufunisisa ngezinyembezi.
18Ngokuba anizanga entabeni ephathekayo nesha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini,
19nasekukhaleni kwecilongo, nasekuzwakaleni kwamazwi, abathé ukukuzwa, bancenga ukuba kungabe kusakhulunywa izwi kubo,
20ngokuba babengenakukuthwala lokho abayalwa ngakho kokuthi: Ngisho nesilwane, uma sithinta intaba, siyakukhandwa ngamatshe;
21yebo, umbono wesabeka kangaka, waze wathi uMose: Nginovalo olukhulu, ngiyathuthumela;
22kodwa nizé entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, nasezigidigidini zezingelosi,
23nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMahluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo,
24nakuJesu, umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.
25Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini,
26ozwi lakhe lanyakazisa umhlaba ngalesosikhathi, kepha manje uthembisile wathi: Kusezakuba-kanye ngizamazamise kungabi-ngumhlaba wodwa, kepha nezulu futhi.
27Lokho kokuthi: Kusezakuba-kanye kutshengisa ukuguqulwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuba zenziwe, ukuze lezo ezinganyakaziswayo zime.
28Ngakho-ke lokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibonge ngesingamkhonza ngakho uNkulunkulu ngokumthokozisa, nangokumhlonipha, nangokuthuthumela,
29ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.