Isijeziso ngokungathembeki kukaIsrayeli
1UIsrayeli wayengumvini owenabileyo,
wazithelela izithelo;
ngokobuningi bezithelo zakhe
wandisa ama-altare akhe;
ngokobuhle bezwe lakhe
wenza izinsuku ezinhle.
2Inhliziyo yabo yayahlukene;
manje sebeyakuzitholela icala;
uyakuwaphula ama-altare abo,
achithe izinsika zabo.
3Yebo, manje bayakuthi: Asinankosi,
ngokuba asimesabanga uJehova;
kepha inkosi ingasenzelani na?
4Bakhuluma amazwi nje,
befunga amanga, benza isivumelwano;
besekumila ukwahlulela njengenhlungunyembe emiseleni yamasimu.
5Abakhileyo eSamariya bayakuba-novalo
ngenxa yamathole aseBeti-Aveni,
ngokuba abantu balo bayakulila ngawo,
abapristi bezithombe bakhale ngawo ngenxa yodumo lwawo
ukuthi lumukile kuwo.
6Iyakuyiswa eAsiriya ibe-yisipho kuyo inkosi uJarebi;
uEfrayimi uyakwamukela ihlazo,
uIsrayeli ajabhe ngeziluleko zakhe.
7Inyamalele inkosi yaseSamariya
njengebazelo ebusweni bamanzi.
8Izindawo eziphakemeyo zaseAveni, isono sakwaIsrayeli, ziyakuchithwa;
ameva namakhakhasi ayakukhuphukela ema-altare abo;
bayakuthi kuzo izintaba: Sisibekeleni,
nakuwo amagquma: Welani phezu kwethu.
9Kwasezinsukwini zaseGibeya wonile, Israyeli;
bema khona;
impi nabo abobubi ayiyikubafica eGibeya na?
10Lapho ngithanda, ngiyabajezisa;
abantu babahlanganyele
ekubabopheleni ebubini obubili.
11UEfrayimi uyisithole esifundisiweyo,
esithanda ukubhula amabele;
kepha mina ngiyekile intamo yaso enhle;
sengiyakumbophela uEfrayimi,
uJuda alime,
uJakobe azidubele.
12Zihlwanyeleleni ngokulunga,
niyakuvuna ngomusa;
gathani umqatho wenu;
sekuyisikhathi sokumfuna uJehova,
aze afike, anise ukulunga phezu kwenu.
13Nilimé ububi,
navuna okubi;
nidlile izithelo zamanga,
ngokuba nethemba endleleni yenu
nakubo ubuningi bamaqhawe enu.
14Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho,
zichithwe zonke izinqaba zakho,
njengalokho uShalimani achitha iBeti-Aribeli ngosuku lokulwa,
unina echotshozwa phezu kwabantwana.
15Kanjalo iBethele liyakwenza kini
ngenxa yobubi benu obukhulu;
ekuseni inkosi yakwaIsrayeli
iyakunqunywa nokunqunywa.