Umfazi ongathembekile
1Besenibiza abafowenu ngokuthi uAmi,
nawodadewenu ngokuthi uRuhama.
2Phikisanani nonyoko, niphikisane,
ngokuba akasiye umkami,
nami angisiyo indoda yakhe;
makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe,
nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,
3funa ngimhlubule abe-nqunu,
ngimenze njengasosukwini lokuzalwa kwakhe,
ngimenze ihlane,
ngimbeke abe-njengezwe elomileyo,
ngimbulale ngokoma.
4Angiyikuhawukela abantwana bakhe,
ngokuba bangabantwana bobufebe.
5Ngokuba unina ufebile,
owabazalayo wenzé ihlazo,
ngokuba wathi: Ngiyakulandela izithandwa zami
ezinginika isinkwa sami namanzi ami,
uboya bami bezimvu nefilakisi* lami,
amafutha ami nokuphuza kwami.
6Ngalokho bhekani, ngiyakuvimbela indlela yakho ngameva,
ngakhe ugange ngakuye,
ukuze angafumani imikhondo yakhe.
7Uyakulandela izithandwa zakhe,
kepha akayikuzifica;
uyakuzifuna,
kepha akayikuzifumana;
abesethi: Ngiyakuhamba
ngibuyele endodeni yami yokuqala,
ngokuba kwakukuhle kimi lapho kunamanje.
8Kepha akazanga ukuthi yimina
engamnika amabele, newayini elisha, namafutha,
ngamandisela isiliva
negolide abenza ngakho uBali.
9Ngalokho ngiyakubuye ngithabathe
amabele ami ngesikhathi sawo,
newayini lami elisha ngenkathi yalo,
ngisuse uboya bami bezimvu nefilakisi* lami
lokusibekela ubunqunu bakhe.
10Sengiyakwambula ihlazo lakhe
emehlweni ezithandwa zakhe;
akuyikubakho omophula esandleni sami.
11Ngiyakwenza ukuba iphele yonke intokozo yakhe,
imikhosi yakhe, nokwethwasa kwenyanga, namasabatha akhe,
nayo yonke imikhosi yakhe emisiweyo.
12Ngiyakuchitha imivini yakhe nemikhiwane yakhe
ashilo ngakho, wathi: Kuyinkokhelo yami
ezinginikile yona izithandwa zami;
ngiyakukwenza kube-yihlathi,
izilwane zasendle zikudle.
13Ngiyakumhambela ngenxa yezinsuku zawoBali
owabashisela ngazo impepho,
wahloba ngamacici akhe nangezinto zakhe ezinhle,
wazilandela izithandwa zakhe,
wangikhohlwa, usho uJehova.
14Ngalokho bhekani, ngiyakumyenga,
ngimyise ehlane,
ngimqunge isibindi.
15Lapho ngiyakumnika izivini zakhe,
nesigodi saseAkori* sibe-ngumnyango wethemba;
uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe
nasosukwini lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.
16Kuyakuthi ngalolosuku, usho uJehova, ungibize ngokuthi: YiNdoda yami,
ungasangibizi ngokuthi: NguBali wami.
17Ngiyakususa amagama awoBali emlonyeni wakhe,
bangabe besakhunjulwa ngamagama abo.
18Ngalolosuku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle,
nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni,
ngaphule umnsalo nenkemba nokulwa ukuba kusuke ezweni,
ngibalalise belondekile.
19Ngiyakuzimisela wena ube-ngumkami kuze kube-phakade,
ngizimisele wena ngokulunga, nangokwahlulela, nangomusa, nangobubele.
20Ngiyakuzimisela wena ngokuthembeka ube-ngumkami;
uyakumazi uJehova.
21Kuyakuthi ngalolosuku
ngiphendule, usho uJehova,
ngiphendule amazulu,
wona aphendule umhlaba.
22Umhlaba uyakuphendula amabele, newayini elisha, namafutha,
khona kuphendule uJizreyeli.
23Ngiyakuzitshalela yena ezweni,
ngihawukele ongahawukelwanga,
ngithi kwababengesibo abantu bami: Ningabantu bami,
bona bathi: UnguNkulunkulu wethu.