Ukusolwa kwabantu bakwaIsrayeli
1Yizwani izwi likaJehova nina-bantwana bakwaIsrayeli,
ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni,
lokhu kungekho-qiniso, namusa,
nakumazi uNkulunkulu ezweni.
2Kukhona ukufunga nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga;
bayafohla, izingazi zilandele izingazi.
3Ngalokho izwe liyakudabuka,
bonke abakhé kulo badangale
kanye nezilwane zasendle
nezinyoni zezulu;
yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.
4Makungabikho ophikisana nomunye,
asole omunye;
nokho abantu bakho bayakuphikisana nabapristi.
5Mpristi, uyakukhubeka emini,
kukhubeke umprofethi kanye nawe ebusuku;
nonyoko ngiyakumbhubhisa.
6Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi;
ngokuba ukulahlile ukwazi
nami ngiyakukulahla wena,
ungabi-ngumpristi wami;
lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho
nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.
7Njengokwanda kwabo, kanjalo bona kimi;
udumo lwabo ngiyakulwenana ngehlazo.
8Badla izono zabantu bami,
babhekisa umphefumulo wabo ebubini babo.
9Kuyakuthi njengabantu abe-njalo umpristi:
ngiyakubahambela ngenxa yezindlela zabo,
ngibuyisele kubo izenzo zabo.
10Bayakudla, bangasuthi kodwa;
bayakufeba, bangandi kodwa,
ngokuba bayekile ukumnakekela uJehova.
11Ubufebe newayini newayini elisha kususa umqondo.
12Abantu bami babuza emthini,
induku yabo ibatshele,
ngokuba umoya wobufebe ubadukisile,
basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba.
13Bayahlabela eziqongweni zezintaba,
bashisa impepho emagqumeni,
phansi kwamaoki* nemipopula* nemitherebinte*,
ngokuba umthunzi wakho muhle;
kungalokho amadodakazi enu ayafeba,
nawomakoti benu bayaphinga.
14Angiyikuwajezisa amadodakazi enu, lapho efeba,
nawomakoti benu lapho bephinga,
ngokuba namadoda achezukela iziphingi,
ahlaba kanye nezifebe zethempeli.
Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa.
15Noma wena-Israyeli ufeba,
uJuda makangazitholeli icala;
ningayi eGiligali,
ningenyukeli eBeti-Aveni,
ningafungi ngokuthi: Kuphila kukaJehova.
16Ngokuba uIsrayeli unenkani njengesithole;
uJehova angabelusa njengemvana endaweni ebanzi na?
17UEfrayimi uhlangene nezithombe;
myeke.
18Ukuphuza kwabo sekuphelile;
bayafeba nokufeba;
izikhulu zabo zithandisisa ihlazo.
19Umoya ubasongile ngamaphiko awo;
bayakujabha ngemihlatshelo yabo.