1Wo kubona abamisa izimiso ezimbi,
nakubabhali ababhalisisa okuyingozi,
2ukuchezukisa abampofu ekwahluleleni,
nokwaphuca abaswelayo babantu bami umthetho,
ukuze abafelokazi babe-yimpango yabo,
baqhwage izintandane.
3Niyakwenze-njani ngosuku lokuhanjelwa
nasekuchithakaleni okuvela kude na?
Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na?
Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?
4Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo,
niyakuwa phakathi kwababuleweyo;
kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,
isandla sakhe siseluliwe.
IAsiriya liyalahlwa
5Wo kulo iAsiriya, intonga yentukuthelo yami,
nokusesandleni salo ukufutheka kwami kuyinduku.
6Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu,
ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yami
ukuba liphange impango, liqhwage,
libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.
7Nokho akusiwo umqondo walo,
inhliziyo yalo ayicabangi kanjalo,
kepha kusenhliziyweni yalo ukuchitha
nokunquma izizwe ezingeyingcosana.
8Ngokuba lithi: Izikhulu zami zonke
azisiwo amakhosi na?
9IKalino alinjengeKharikemishi na?
IHamati alinjengeAripadi na?
ISamariya alinjengeDamaseku na?
10Njengalokhu isandla sami siyitholile imibuso yezithombe
ezimifanekiso yazo ebaziweyo yahlula eyaseJerusalema neyaseSamariya,
11anginakwenza yini kulo iJerusalema nezithombe zalo,
njengalokhu ngenzile kulo iSamariya nezithombe zalo, na?
12Kuyakuthi lapho iNkosi isiqedile wonke umsebenzi wayo entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, ijezise isithelo senhliziyo ezidlayo yenkosi yaseAsiriya nokuzikhukhumeza kwamehlo ayo aziphakamisayo.
13Ngokuba uthi:
Ngamandla esandla sami ngikwenzile,
nangokuhlakanipha kwami, ngokuba nginokuqonda;
ngisusile imikhawulo yezizwe,
ngiphangile ingcebo yazo,
njengesiqhwaga ngawisa phansi abakhileyo khona.
14Isandla sami sifumene imfuyo yabantu njengesidleke,
nanjengalokhu umuntu ebutha amaqanda ashiyiweyo
ngibuthile wonke umhlaba,
akwababikho oshaya-phiko,
novula-mlomo, notsiyozayo.
15Izembe liyakuzikhukhumeza kuye ogawula ngalo na?
Isaha liyakuzikhulisa kuye oliqhubayo,
njengokungathi induku izamazamisa abayiphakamisayo,
nodondolo luphakamisa ongesiwo umuthi, na?
16Ngalokho iNkosi uJehova-Sebawoti iyakuthuma
ukonda phakathi kwabakhulupheleyo bakhe,
nangaphansi kodumo lwakhe kuyakuphembeka ukushisa
njengokushisa komlilo.
17Ukukhanya kukaIsrayeli kuyakubangumlilo,
oNgcwele wakhe abe-yilangabi;
kuyakushisa kuqede ameva akhe
namakhakhasi akhe ngalusuku lunye.
18Iyakuqeda udumo lwehlathi lakhe nensimu yakhe,
umzimba nomphefumulo,
kube-njengesiguli esinyamalalayo.
19Insali yemithi yakhe iyakuba-yingcosana,
ukuze ibhalwe ngumntwana.
20Kuyakuthi ngalolosuku insali yakwaIsrayeli
nabasindileyo bendlu kaJakobe
bangasenciki kobashayileyo,
kepha bencike ngeqiniso kuJehova oNgcwele kaIsrayeli.
21Insali iyakubuya, insali kaJakobe,
ibuyele kuNkulunkulu onamandla.
22Ngokuba noma abantu bakho, Israyeli,
bengangesihlabathi solwandle,
kuyakubuya phakathi kwabo insali nje;
ukuchithwa kunqunyiwe, okuchichima ukulunga.
23Ngokuba iNkosi uJehova-Sebawoti iyakwenza ukubhujiswa okunqunyiweyo phakathi kwawo wonke umhlaba.
24Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova-Sebawoti, ithi: We bantu bami, enakhé eSiyoni, ningalesabi iAsiriya, lapho likushaya ngentonga yalo, liphakamisele kuwe udondolo lwalo ngendlela yaseGibithe.
25Ngokuba kusezakuba-yisikhashana nje kuze kuphele ukufutheka kwami, intukuthelo yami ibe-sekuchithweni kwalo.
26UJehova-Sebawoti uyakulivusela isiswebhu njengasekubulaweni kwabakwa-Midiyani ngasedwaleni likaOrebi, nentonga yakhe iyakuba-phezu kolwandle, ayiphakamise ngendlela yaseGibithe.
27Kuyakuthi ngalolosuku umthwalo walo ususwe emahlombe akho nejoka lalo entanyeni yakho.
Liyakhuphuka eRimoni,
28liyeza eAyati,
lidlula eMigroni;
lethula impahla yalo eMikimashi;
29badlula esikhaleni,
ebusuku bahlala eGeba;
iRama liyaqhaqhazela,
iGibeya likaSawule liyabaleka.
30Zamuluka ngezwi lakho, ndodakazi yaseGalimi;
qaphela, Layishi,
yiphendule, Anathoti.
31IMadimena selibalekile,
abakhileyo eGebimi bathutha impahla.
32Namhla nje liyema ngaseNobi,
linikinele isandla salo intaba yendodakazi yaseSiyoni,
intaba yaseJerusalema.
33Bheka, iNkosi uJehova-Sebawoti
iyanquma amagatsha ngokwesabekayo,
kugawulwe abaphakemeyo,
nabazikhukhumezayo behliswe.
34Izihlahla zehlathi ziyacatshwa ngensimbi,
neLebanoni liyawa ngOnamandla.