Isiprofetho ngeBabele
1Isiprofetho ngehlane lolwandle.
Njengokudlula kwezivunguvungu eningizimu
kuvela ehlane ezweni elesabekayo.
2Ngitshelwé umbono olukhuni:
umphangi uyaphanga, umchithi uyachitha.
Yenyuka, Elamu, vimbezela, Mediya;
konke ukukhala kwalo ngikwenza kuphele.
3Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo;
inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo;
ngikhonkobele ukuba ngingezwa,
ngiphelé amandla ukuba ngingaboni.
4Ngadukelwa yingqondo,
ngashaywa luvalo;
ukuhwelela engakulangazelela
kwaphenduka ukuthuthumela kimi.
5Ngukulungisa itafula yini?
Ngukwendlala izindwangu,
ukudla nokuphuza, na?
Hayi, sukumani, zikhulu,
nigcobe izihlangu.
6Ngokuba ishilo kanje iNkosi, yathi:
Hamba umise umlindi
ozakubika akubonayo.
7Lapho ebona abamahashi,
amahashi amabili ngamabili,
nezinkweli zezimbongolo,
nezinkweli zamakamela,
uyakuqaphela nokuqaphela ngesineke esikhulu.
8Obonayo wayesememeza, wathi:
Nkosi yami, ngimi njalo emini embhoshongweni wami,
ngihlezi ngisemlindelweni nasebusuku bonke.
9Bheka, kuyeza isigaba samadoda,
amahashi amabili ngamabili.
Wathatha wathi: Liwile, liwile iBabele,
nazo zonke izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu balo zidilizwé phansi.
10Wena ongokubhuliweyo kwami kwesibuya sami,
engikuzwileyo kuJehova-Sebawoti,
uNkulunkulu kaIsrayeli,
khona ngiyanazisa.
Isiprofetho ngeDuma
11Isiprofetho ngeDuma.
Ukhona ongimemeza ngiseSeyiri, ethi:
Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?
Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?
12Umlindi wathi: Kuyeza ukusa,
kepha kusesebusuku.
Uma nithanda ukubuza, buzani;
buyani nize.
Isiprofetho ngeArabiya
13Isiprofetho ngeArabiya.
Hlalani ebusuku ehlathini laseArabiya
nina-mahele aseDedanimi.
14Owomileyo bamlethela amanzi
abakhileyo ezweni laseThema,
bahlangabeza ababalekayo nesinkwa.
15Ngokuba babalekela izinkemba,
izinkemba ezihoshiweyo,
neminsalo ensaliweyo,
nobunzima bempi.
16Ngokuba iNkosi ishilo kimi kanje, yathi: Phakathi komnyaka, njengeminyaka yomqashwa, udumo lonke lwaseKedari luyakuphela,
17nensali yenani leminsalo yamaqhawe abaseKedari iyakuba-ncane, ngokuba uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli ukhulumile.