Ukugula nokusinda kukaHezekiya
1Ngalezozinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa. Kwafika kuye uIsaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.
2UHezekiya wayesephendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova,
3wathi: Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho. Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.
4Lafika kuIsaya izwi likaJehova, lathi:
5Hamba, uthi kuHezekiya: Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu.
6Ngiyakophula wena nalomuzi esandleni senkosi yaseAsiriya, ngiwuvikele lomuzi.
7Lesi siyakuba-yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lokho akukhulumileyo:
8bheka, isithunzi sezinyathelo ilanga elizehlile ezinyathelweni zelanga zika-Ahazi ngiyakusibuyisa izinyathelo eziyishumi; ilanga labuya-ke izinyathelo eziyishumi ezinyathelweni elizehlileyo.
Ihubo likaHezekiya
9Ihubo likaHezekiya inkosi yakwaJuda lapho wayekade egula, wasinda ekuguleni kwakhe:
10Ngathi: Ngiphakathi nezinsuku zami
ngiyakungena emasangweni endawo yabafileyo,
ngaphuciwe inxenye yeminyaka yami.
11Ngathi: Angiyikumbona uJehova,
uJehova ezweni labaphilayo;
angisayikubuka-muntu nginabakhileyo bezwe.
12Idokodo lami lisishuliwe, lasuswa kimi
njengetende lomalusi;
ngisongile ukuphila kwami njengomaluki;
uyanginquma esalukweni;
kusukela emini kuze kube-sebusuku uyangiqeda.
13Ngakhala kwaze kwaba-sekuseni;
njengengonyama uyaphula onke amathambo ami;
kusukela emini kuze kube-sebusuku uyangiqeda.
14Ngatsiyozisa okwenkonjane,
ngaliliselisa okwejuba;
amehlo ami aphela ngokubheka phezulu;
Nkosi, ngiyacindezelwa; yiba-yisibambiso sami.
15Ngingakhuluma ngithini na?
Ukhulumile kimi, ukwenzile yena.
Ngiyakubinyabinyeka yonke iminyaka
ngomunyu womphefumulo wami.
16Nkosi, abantu baphila ngalokho,
nokuphila komoya wami kukulokho kuphelele;
ngalokho mawungiphulukise, ungiphilise.
17Bheka, kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu;
wena wawuthanda umphefumulo wami,
waze waphuma egodini lokubhujiswa,
ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.
18Ngokuba indawo yabafileyo ayikubongi,
nokufa akukudumisi;
abehlela egodini ababheki ukuthembeka kwakho.
19Abaphilayo, abaphilayo bayakubonga njengami namuhla;
uyise uyabazisa abantwana ukuthembeka kwakho.
20UJehova uyakungisindisa;
ngalokho siyakubetha ngezingubhu ezinezintambo
zonke izinsuku zokuhamba kwethu
endlini kaJehova.
21UIsaya wathi: Mabathathe isigaxa samakhiwane, basibeke ethumbeni, uyakusinda.
22Kepha uHezekiya wathi: Yisibonakaliso sini sokuba ngiyakwenyukela endlini kaJehova na?