Ukuwa kweBabele
1Yehla, uhlale othulini wena-ntombi,
ndodakazi yaseBabele,
uhlale emhlabathini, kungekho-sihlalo sobukhosi,
wena-ndodakazi yamaKaledi,
ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile
nokuthi uyatetema.
2Thatha amatshe okugaya, ugaye impuphu,
uyisuse imvakazi yakho,
uwukhumule umhushuza wakho,
wambule umlenze, uwele imifula.
3Ubuze bakho buyakwambulwa,
yebo, ubunqunu bakho buyakubonakala;
ngiyakuphindisa, ngingayeki-muntu.
4Igama loMhlengi wethu linguJehova-Sebawoti,
oNgcwele kaIsrayeli.
5Hlala uzithulele, ungene ebumnyameni,
wena-ndodakazi yamaKaledi,
ngokuba awusayikubizwa ngokuthi
iNkosikazi yemiBuso.
6Ngabathukuthelela abantu bami,
ngalingcolisa ifa lami,
ngalinikela esandleni sakho;
awubahawukelanga,
walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu
phezu kwabadala.
7Wathi wena: Ngiyakuba-yinkosikazi njalonjalo;
ngalokho awubekanga lezizinto enhliziyweni yakho,
awukhumbulanga ukugcina kwazo.
8Manje yizwa lokhu wena ozijabulisayo,
ohlala ulondekile,
othi enhliziyweni yakho:
Yimi, akakho omunye;
angiyikuhlalisa okomfelokazi,
nokufelwa abantwana angiyikukwazi.
9Kodwa lokhu kokubili kuyakufika kuwe
ngokuphazima kweso ngalusuku lunye,
ukufelwa kwabantwana nobufelokazi
kufike phezu kwakho ngokugcweleyo
phakathi kobuningi bamalumbo akho,
nobuningi beziphonso zakho.
10Wethembile ebubini bakho, wathi:
Akakho ongibonayo;
ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakho kukudukisile;
wathi enhliziyweni yakho: Yimi, akakho omunye.
11Kepha ububi buyakukwehlela,
awuyikwazi lapho buvela khona;
nengozi iyakuwela phezu kwakho,
awuyikuba-namandla okuyichezukisa,
incithakalo ifike phezu kwakho ngokuzumayo,
ungazi.
12Yima manje neziphonso zakho
nobuningi bamalumbo akho
okhandlekile kukho kwasebusheni bakho;
mhlawumbe uyakusizakala, mhlawumbe uyakubanga uvalo.
13Ukhathele ngobuningi bamacebo akho;
mabasukume, bakusindise abadabula izulu,
nababheka izinkanyezi,
nabazisa ngezinyanga ezintsha ukuthi
kuphi lapho kuzakuvela khona lokhu okuzakukwehlela.
14Bheka, bayakuba-njengamabibi ashiswa ngumlilo,
abayikuzophula emandleni elangabi;
akusilo ilahle lokotha,
akusiwo umlilo wokuba kuhlalwe phambi kwawo.
15Ziyakuba-njalo kuwe izinto okhandleké kuzo,
zihambisene nawe kwasebusheni bakho;
seziyakuzulazula, kube-yileyo naleyo ngendlela yayo,
ekusindisayo ingabikho.