Izono zolimi
1Ningabi-ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukwahlulelwa okukhulu.
2Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.
3Uma-ke sifaka amatomu emilonyeni yamahashi ukuba asilalele, siqondisa nomzimba wonke wawo.
4Bhekani nemikhumbi, ingaka nje, iqhutshwa yimimoya enamandla, iqondiswa ngephini elincinyanyane, lapho umshayeli efuna ukuyiqondisa khona.
5Lunjalo nolimi; luyisitho esincane, kanti luyazigabisa kakhulu. Bhekani umlilo omncane uvuthela ihlathi elingaka;
6nolimi lungumlilo, ulimi lumi luyizwe lokungalungi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela ukuphila konke, luthungelwa yisihogo.
7Ngokuba yonke imvelo yezilwane, neyezinyoni, neyezikhasayo, neyeziselwandle iyathanjiswa, yebo, yathanjiswa ngemvelo yabantu;
8kepha ulimi akakho kubantu onamandla okuluthambisa; lungububi obuyaluzayo, lugcwele isihlungu esibulalayo.
9Ngalo sibonga iNkosi uBaba, nangalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu;
10emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube-kanjalo.
11Umthombo uyakhipha yini amnandi nababayo emgodini munye na?
12Umkhiwane, bazalwane bami, ungaba-namandla yini okuthela izithelo zomnqumo, noma umvini amakhiwane na? Amanzi kasawoti angeveze amnandi.
Ukuhlakanipha okuvela phezulu
13Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.
14Kepha uma ninomhawu obabayo nombango ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaliqambeli iqiniso.
15Lokhukuhlakanipha akusikho okwaphezulu kodwa kungokomhlaba, kungokwemvelo, kungokwamademoni;
16ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi.
17Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kubenokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.
18Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.