Izivalo zomuzi waseGaza
1USamsoni waya eGaza; wabona lapho isifebe, wangena kuso.
2Kwathiwa kumaGaza: USamsoni ufikile lapha. Bamhaqa, bamqamekela ubusuku bonke esangweni lomuzi; bathula ubusuku bonke, bathi: Makube-sekukhanyeni kokusa; khona siyakumbulala.
3USamsoni walala kwaze kwaba-phakathi kwamabili; wavuka phakathi kobusuku, wabamba izivalo zesango lomuzi nezinsika zombili, wazincothula kanye nomgoqo, wazibeka emahlombe akhe, wazikhuphulela esiqongweni sentaba ephambi kweHebroni.
UDelila
4Kwathi ngasemuva wathanda owesifazane esiGodini saseSoreki ogama lakhe lalinguDelila.
5Amakhosi amaFilisti enyukela kuye, athi kuye: Myenge, ubone ukuthi amandla akhe amakhulu aphi nokuthi singamahlula ngani ukuba simbophe, simnqobe; siyakukunika, kube-yilowo nalowo, izinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva.
6UDelila wathi kuSamsoni: Ake ungitshele ukuthi amandla akho amakhulu aphi nokuthi ungaboshwa ngani, unqotshwe.
7USamsoni wathi kuye: Uma bengibopha ngezinsinga eziyisikhombisa ezimanzi ezingakomi, ngiyakuba-buthakathaka, ngibe-njengomunye umuntu.
8Amakhosi amaFilisti ayeseletha kuye izinsinga eziyisikhombisa ezimanzi ezingakomi, wambopha ngazo.
9Wayenabaqamekeli behlezi ekamelweni eliphakathi. Wayesethi kuye: AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni. Wayesegqabula izinsinga njengentambo yefilakisi* igqatshulwa, lapho izwa umlilo. Ngalokho amandla akhe awaziwanga.
10Wayesethi uDelila kuSamsoni: Bheka, udlalé ngami, wangitshela amanga; ake ungitshele manje ukuthi ungaboshwa ngani.
11Wathi kuye: Uma bengibopha ngamagoda amasha okungasetshenziwanga ngawo, ngiyakuba-buthakathaka, ngibenjengomunye umuntu.
12UDelila wayesethatha amagoda amasha, wambopha ngawo, wathi kuye: AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni. Abaqamekeli babehlezi ekamelweni eliphakathi. Wawagqabula ezingalweni zakhe njengomucwana.
13UDelila wayesethi kuSamsoni: Kuze kube-manje udlalé ngami, wangitshela amanga; ngitshele ukuthi ungaboshwa ngani. Wathi kuye: Uma weluka amagoda ayisikhombisa ekhanda lami nezintambo zakho zokwelukwa.
14Wawabethela-ke ngesikhonkwane, wathi kuye: AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni. Wavuka ebuthongweni, wasincothula isikhonkwane sokweluka nezintambo zokwelukwa.
15Wayesethi kuye: Ungasho kanjani ukuthi uyangithanda, nxa inhliziyo yakho ingenami na? Usudlalé ngami kathathu, awungitshelanga ukuthi amandla akho aphi.
16Kwathi lapho emcindezela yonke imihla ngamazwi akhe, emgqugquza, wakhathazeka umphefumulo wakhe kwaze kwaba-sekufeni.
17Wamtshela inhliziyo yakhe yonke, wathi kuye: Akuthintanga-mpuco ekhanda lami, ngokuba bengingumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni sikamame; uma ngiphuculwa, amandla ami ayakumuka kimi, ngiyakuba-buthakathaka, ngibe-njengomunye umuntu.
18UDelila wabona ukuthi wayemtshelile yonke inhliziyo yakhe; wathuma wawabiza amakhosi amaFilisti, wathi: Yenyukani kalokhu, ngokuba ungitshelile yonke inhliziyo yakhe. Ayesenyukela kuye amakhosi amaFilisti, aletha imali esandleni sawo.
19Wamlalisa ubuthongo emathangeni akhe, wabiza umuntu, waphucula amagoda ayisikhombisa ekhanda lakhe; waqala ukumhlupha, amandla akhe amuka kuye.
20Wathi: AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni. Wavuka ebuthongweni, wathi: Ngiyakuphuma njengangezinye izikhathi, ngizithintithe. Kepha wayengazi ukuthi uJehova wayemukile kuye.
21AmaFilisti ambamba, awakhipha amehlo akhe; amehlisela eGaza, ambopha ngamaketanga; wasila etilongweni.
22Nokho izinwele zekhanda lakhe zaqala ukuhluma futhi esephuculiwe.
Isenzo sokugcina sikaSamsoni nokufa nokumbelwa kwakhe
23Amakhosi amaFilisti abuthana ukuba ahlabele uDagoni unkulunkulu wawo umhlatshelo omkhulu, athokoze, ngokuba athi: Unkulunkulu wethu unikele uSamsoni isitha sethu esandleni sethu.
24Abantu bambona, bamtusa unkulunkulu wabo, ngokuba bathi: Unkulunkulu wethu unikele esandleni sethu isitha sethu nomchithi wezwe lakithi obulele abaningi phakathi kwethu.
25Kwathi lapho izinhliziyo zabo sezesasile, bathi: Mbizeni uSamsoni ukuba asidlalele. Bambiza uSamsoni esetilongweni, wadlala phambi kwabo, bambeka phakathi kwezinsika.
26USamsoni wathi kumfana owayembambé ngesandla: Ngivumele ukuphatha izinsika indlu emi ngazo ukuba ngencike kuzo.
27Indlu yayigcwele abesilisa nabesifazane; namakhosi onke amaFilisti ayelapho; ophahleni kwakukhona abantu kungathi abayizinkulungwane ezintathu, abesilisa nabesifazane, ababebukela ukudlala kukaSamsoni.
28USamsoni wakhala kuJehova, wathi: Nkosi Nkulunkulu, ake ungikhumbule, ungiqinise kube-kanye kuphela, Nkulunkulu, ukuba ngiphindise kumaFilisti ngempindiselo ibenye ngenxa yamehlo ami omabili.
29USamsoni wayesebamba izinsika ezimbili eziphakathi eyayimi ngazo indlu, wencika kuzo, kwenye ngesandla sokunene, kwenye ngesokhohlo.
30USamsoni wathi: Mangife namaFilisti. Wakhothama ngamandla akhe onke, indlu yawela phezu kwamakhosi naphezu kwabo bonke abantu ababekuyo. Abafileyo ababulalayo ekufeni kwakhe babebaningi kunabo ababulalayo ekuhambeni kwakhe.
31Base behla abafowabo nayo yonke indlu kayise, bamthatha, bamenyusa, bammbela phakathi kweSora ne-Eshitawoli ethuneni likaManowa uyise. Wamahlulela uIsrayeli iminyaka engamashumi amabili.