1Wayesethi uJehova kimi: Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe-kulababantu; balahle ebusweni bami, baphume.
2Kuyakuthi lapho bethi kuwe: Siyakuphuma siyephi na?
usho kubo ukuthi: Usho kanje uJehova, uthi:
Abokufa mabaye ekufeni, nabenkemba enkembeni,
nabendlala endlaleni, nabokuthunjwa ekuthunjweni.
3Ngiyakubamisela izinhlobo ezine, usho uJehova: inkemba yokubulala, nezinja zokudonsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha.
4Ngiyakubenza ukuba bahlupheke emibusweni yonke yomhlaba ngenxa kaManase indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, ngalokho akwenza eJerusalema.
5Ngokuba ngubani oyakukuhawukela wena-Jerusalema na?
Ngubani oyakukukhalela?
Ngubani oyakuphambukela ukubuza ngempilo yakho na?
6Wena ungishiyile, usho uJehova, wabuyela emuva;
ngiselulele isandla sami kuwe, ngakuchitha;
sengikhathele ukuhawukela.
7Ngibelile ngembenge emasangweni ezwe,
ngabaphuca abantwana,
ngachitha abantu bami;
ababuyanga ezindleleni zabo.
8Abafelokazi babo bandile kimi kunesihlabathi solwandle,
ngehlisele phezu kwawonina bezinsizwa umchithi emini,
ngehlisele ukwesaba nengebhe phezu kwabo.
9Owazala abayisikhombisa usedangele, waphuma umoya;
ilanga lakhe lishonile kusesemini;
ujabhile, wayangaza;
insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni
ngaphambi kwezitha zabo, usho uJehova.
Ukukhala kukaJeremiya
10Maye kimina, mame, ukuthi ungizalile,
ngibe-ngumuntu wokuphikisana nokuxabana emhlabeni wonke!
Angibizanga inzalo, futhi akubizwanga inzalo kimi,
nokho bayangiqalekisa bonke.
11Wathi uJehova: Ngiyakukukhulula kube-kuhle;
impela ngiyakwenza ukuba isitha sikunxuse
ngesikhathi esibi nangesikhathi sokuhlupheka.
12Umuntu angaphula insimbi yini,
insimbi yasenyakatho, nethusi, na?
13Ngiyakunikela imfuyo yakho nengcebo yakho kube-yimpango
kungengantengo,
ngazo zonke izono zakho
emikhawulweni yakho yonke.
14Ngiyakwenza ukuba uzikhonze izitha zakho
ezweni ongalaziyo,
ngokuba kuphenjiwe umlilo olakeni lwami
oyakuvutha kini.
15Uyazi wena-Jehova;
ngikhumbule, ngihambele, ungiphindisele kwabangizingelayo;
ungangisusi ngokubekezela kwakho;
yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwalé ihlazo.
16Amazwi akho afunyanwa, ngawadla;
amazwi akho aba-ngukujabula kimi nokuthokoza kwenhliziyo yami,
ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Jehova Nkulunkulu-Sebawoti.
17Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo,
angithokozanga;
ngahlala ngedwa ngenxa yesandla sakho,
ngokuba ungigcwalisile ngokufutheka.
18Yini ukuba ubuhlungu bami bubekhona njalonjalo,
nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na?
Impela uyakuba-ngamanzi aphuthayo kimi,
amanzi angathembekile, na?
19Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:
Uma ubuya, ngiyakukubuyisa,
ume phambi kwami;
uma ukhipha okuyigugu kokungamanyala,
uyakuba-ngumlomo wami;
laba bayakubuyela kuwe, kepha wena awuyikubuyela kubo.
20Ngiyakukwenza ukuba ube-lugange lwethusi oluqinileyo kulababantu;
bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula,
ngokuba mina nginawe ukukusindisa nokukophula, usho uJehova.
21Ngiyakukophula esandleni sababi,
ngikuhlenge esandleni sabacindezeli.