Umbumbi
1Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi:
2Suka wehlele endlini yombumbi, ngikuzwise khona amazwi ami.
3Ngehlela endlini yombumbi; bheka, wasebenza umsebenzi wakhe esondweni lokubumba.
4Kepha isitsha asenza ngebumba sonakala esandleni sombumbi; wabuye wenza esinye isitsha njengokuhle emehlweni ombumbi ukuba asenze.
5Lase lifika izwi likaJehova kimi, lithi:
6Bengingenze kinina-ndlu kaIsrayeli njengalombumbi na? usho uJehova. Bhekani, njengebumba esandleni sombumbi, ninjalo esandleni sami nina-ndlu kaIsrayeli.
7Ngesikhathi esithile, lapho ngikhuluma ngesizwe nangombuso ukukusiphula, nokukudiliza, nokukuchitha,
8lesosizwe engikhulumile ngaso besesiphenduka ebubini baso, ngiyakubuya kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kuso.
9Ngesinye isikhathi ngikhuluma ngesizwe nangombuso ukukwakha nokukutshala;
10uma senza okubi emehlweni ami, singalilaleli izwi lami, ngiyakubuya kukho okuhle ebengisho ukuthi ngiyakusenzela khona.
11Manje yisho kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, nginibumbela okubi, ngiceba icebo ngani; buyani, kube-yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nizenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe-zinhle.
12Kepha bathi: Kuyize, ngokuba siyakulandela amacebo ethu, senze, kubeyilowo nalowo ngenkani yenhliziyo yakhe embi.
13Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:
Buzani phakathi kwabezizwe ukuthi
ngubani owake wezwa okunjengalokho na?
Intombi yakwaIsrayeli yenzile into eyesabekayo kakhulu.
14Ungqoqwane waseLebanoni uyashiya yini amadwala asendle,
namanzi aqandayo agobhoza kude ayakusha, na?
15Ngokuba abantu bami bangikhohliwe,
bashisela okuyize impepho,
bakhubeka ezindleleni zabo,
emendweni yasendulo
ukuba bahambe ngemikhondo,
ngezindlela ezingahlelwanga,
16benze izwe labo libe-yisimangaliso nento encimfelwa njalo;
bonke abadlula khona bayakumangala,
banikine ikhanda.
17Njengomoya wasempumalanga ngiyakubahlakaza phambi kwezitha zabo,
ngibabonise umhlane kungabi-ngubuso
ngosuku lwengozi yabo.
18Base bethi: Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.
19Nginake, Jehova,
uzwe izwi labamelene nami.
20Okuhle kuyakuphindiselwa ngokubi na?
lokhu bembele umphefumulo wami umgodi.
Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho
ukukhuluma okuhle ngabo
nokukubuyisa ukufutheka kwakho kubo.
21Ngalokho nikela abantwana babo endlaleni,
ubakhaphele osikweni lwenkemba,
abafazi babo baphucwe abantwana, babe-ngabafelokazi,
amadoda abo abulawe ngukufa,
izinsizwa zabo zishaywe ngenkemba empini.
22Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo,
lapho ubehlisela impi ngokuzumayo,
ngokuba bembile umgodi wokungibamba,
bafihlela izinyawo zami izingibe.
23Kepha wena-Jehova uyawazi onke amasu abo okungibulala;
ungathetheleli ububi babo,
nezono zabo ungazesuli emehlweni akho,
kepha mabakhubekiswe phambi kwakho,
ubavukele ngesikhathi sentukuthelo yakho.