Ijoka lenkosi yaseBabele
1Ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwafika lelizwi kuJeremiya livela kuJehova, lathi:
2Usho kanje uJehova kimi, uthi: Zenzele izintambo namajoka, ukubeke entanyeni yakho,
3ukuthume enkosini yakwaEdomi, nasenkosini yakwaMowabi, nasenkosini yabantwana bakwa-Amoni, nasenkosini yaseTire, nasenkosini yaseSidoni ngesandla sezithunywa ezifika eJerusalema kuSedekiya inkosi yakwaJuda,
4uziyale ukuba zithi emakhosini azo: Usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Niyakusho kanje emakhosini enu, nithi:
5Mina ngenzile umhlaba, nomuntu, nesilwane okukhona emhlabeni ngamandla ami amakhulu nangengalo yami eyeluliweyo, ngiwunika lowo ofanele emehlweni ami.
6Manje senginikele onke lawamazwe esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, inceku yami; futhi ngiyakumnika izilwane zasendle ukuba zimkhonze.
7Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu babakhonzise.
8Kuyakuthi isizwe nombuso okungayikumkhonza yena, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kungabeki intamo yakho phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, lesosizwe ngisijezise, usho uJehova, ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngize ngisiqede ngesandla sakhe.
9Kepha nina ningabalaleli abaprofethi benu, nababhuli benu, namaphupho enu, nabahlola imihlola phakathi kwenu, nabalumbi benu abakhuluma kini, bethi: Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele,
10ngokuba baprofetha amanga kini ukuba nisuswe kude nezwe lakini, nginixoshe, niphele.
11Kepha isizwe esiyakuyibeka intamo yaso phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, siyikhonze, leso ngiyakusiphumuza ezweni laso, usho uJehova, sililime, sihlale kulo.
12Ngakhuluma kuSedekiya inkosi yakwaJuda njengawo onke lawamazwi, ngathi: Bekani izintamo zenu phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, niyikhonze, yona nabantu bayo, niphile.
13Niyakufelani wena nabantu bakho ngenkemba, nangendlala, nangesifo, njengalokho uJehova ekhulumile ngesizwe esingayikuyikhonza inkosi yaseBabele, na?
14Ningawalaleli amazwi abaprofethi ababesho kini ukuthi: Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele, ngokuba baprofetha amanga kini.
15Ngokuba angibathumanga, usho uJehova; baprofetha amanga ngegama lami ukuze nginixoshe, niphele, nina nabaprofethi abaprofetha kini.
16Ngase ngikhuluma kubapristi nakubo bonke lababantu, ngithi: Usho kanje uJehova, uthi: Ningawalaleli amazwi abaprofethi benu abaprofetha kini ukuthi: Bhekani, izitsha zendlu kaJehova ziyakubuyiswa eBabele masinyane; ngokuba baprofetha amanga kini.
17Ningabalaleli; khonzani inkosi yaseBabele nize niphile; ubuyakuchithelwani lomuzi na?
18Kepha uma bengabaprofethi, uma izwi likaNkulunkulu likubo, mabamnxuse uJehova-Sebawoti ukuba izitsha ezisele endlini kaJehova, nasendlini yenkosi yakwaJuda, naseJerusalema zingayi eBabele.
19Ngokuba usho kanje uJehova-Sebawoti ngezinsika, nangolwandle, nangezinqe, nangensali yezitsha ezisele kulomuzi,
20angazithathanga uNebukadinesari inkosi yaseBabele ekuthumbeni kwakhe uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, eJerusalema, wamyisa eBabele nabakhulu bonke bakwaJuda nabaseJerusalema;
21yebo, usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, ngezitsha ezisele endlini kaJehova, nasendlini yenkosi yakwaJuda, naseJerusalema, uthi:
22Ziyakuyiswa eBabele, zibe-khona, kuze kufike usuku lokuzihambela kwami, usho uJehova; besengizikhuphula, ngizibuyisele kulendawo.