Ukuphulukiswa kukaIsrayeli noJuda
1Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:
2Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Loba encwadini onke amazwi engiwakhulumé kuwe.
3Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami oIsrayeli noJuda, usho uJehova, ngibabuyisele ezweni engalinika oyise ukuba balidle.
4Nanka amazwi uJehova awakhulumayo ngoIsrayeli nangoJuda.
5Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:
Sizwile izwi lokuthuthumela,
elokwesaba kungengelokuthula.
6Ake nibuze, nibone, uma owesilisa wake wabeletha na?
Ngibonelani onke amadoda
enezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo,
ubuso bonke buphaphathekile, na?
7Maye, lukhulu lolosuku, alukho olunjengalo!
Kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe,
kepha uyakusindiswa kukho.
8Kuyakuthi ngalolosuku, usho uJehova-Sebawoti,
ngilaphule ijoka entanyeni yabo,
ngigqabule izibopho zabo,
abafokazi bangabe besabakhonzisa,
9kepha bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo,
noDavide inkosi yabo engiyakubavusela yena.
10Ungesabi wena-Jakobe, nceku yami, usho uJehova,
ungapheli amandla, Israyeli,
ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude,
nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo;
uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke,
angesatshiswa-muntu.
11Ngokuba mina nginawe, usho uJehova, ukuba ngikusindise,
ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyo
zonke izizwe engikuhlakazele kuzo,
kepha wena angiyikukuqeda,
kodwa ngiyakukulaya ngokwahlulela,
ngingakwenzi ube-ngongenacala.
12Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:
Ukulimala kwakho akunakuphulukiswa,
nesilonda sakho sinzima.
13Akakho omela icala lakho ukuba uboshwe;
umuthi wokuphilisa awunawo.
14Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni,
ngokuba ngikushayile ngokushaywa kwezitha, ngokulaywa kononya,
ngenxa yobuningi bokona kwakho,
nangokuba izono zakho zandile.
15Ukhalelani ngokulimala kwakho
ukuthi ubuhlungu bakho abunakuphulukiswa na?
Ngenxa yobuningi bokona kwakho
nangokuba izono zakho zandile
ngenzé lokho kuwe.
16Ngalokho bonke abakudlayo bayakudliwa,
nabo bonke abamelene nawe bayakuthunjwa bonkana,
nabakuphangayo bayakuphangwa,
nabo bonke abakwamukayo ngiyakubanikela ukuba bamukwe.
17Ngokuba ngiyakubuyisela ukuphila kuwe,
ngelaphe izilonda zakho, usho uJehova,
ngokuba bakubizé ngokuthi oXoshiweyo
neSiyoni elingafunwa-muntu.
18Usho kanje uJehova, uthi:
Bheka, ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwamatende kaJakobe,
ngiwahawukele amakhaya akhe;
umuzi uyakwakhiwa edumeni lawo,
indlu yamakhosi ihlale njengokufaneleyo.
19Kuyakuphuma kubo udumiso nezwi labathokozayo;
ngiyakubenza babe-baningi, bangabi-ngabayingcosana,
ngibadumise, bangeyiswa.
20Abantwana bakhe bayakuba-njengakuqala,
ibandla lakhe lime phambi kwami,
ngijezise bonke abamcindezelayo.
21Isikhulu sakhe siyakuba-ngesiphuma kuye,
nombusi wakhe uyakuvela phakathi kwakhe;
ngiyakumsondeza, asondele kimi,
ngokuba ngubani oké owaba-nesibindi sokusondela kimi na? usho uJehova.
22Niyakuba-ngabantu bami,
mina ngibe-nguNkulunkulu wenu.
23Bheka, isivunguvungu sikaJehova!
Ukufutheka kwakhe kuphumile,
isivunguvungu esichithayo;
siyakwehlela phezu kwamakhanda ababi.
24Ukufutheka okuvuthayo kukaJehova akuyikubuya,
aze enze, aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe;
ezinsukwini zokugcina niyakukuqonda.