Umvini namagatsha
1Mina ngingumvini owonawona, uBaba ungumlimi.
2Yilelo nalelogatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Yilelo nalelo elithela izithelo uyalihlunga ukuba lithele kakhulu.
3Nina senihlanzekile ngezwi engilikhulumé kinina.
4Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele izithelo ngokwalo, kuphela uma lihlala emvinini, kunjalo nani, kuphela uma nihlala kimi.
5Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze-lutho.
6Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe.
7Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.
8UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi, nibe-ngabafundi bami.
9Njengalokho uBaba engithandile, nami nginithandile; hlalani othandweni lwami.
10Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.
11Nginitshelile lokho ukuba ukuthokoza kwami kube-kini, nokuthokoza kwenu kugcwale.
Umyalo wokuthandana
12Yiló umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile.
13Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.
14Ningabahlobo bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.
15Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi ukuthi inkosi yayo yenzani, kepha ngithé ningabahlobo nina, ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.
16Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethé nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.
17Nginiyala ngalezozinto, ukuze nithandane.
Inzondo yezwe
18Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu.
19Uma beningabezwe, izwe belizakuthanda okwalo, kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda.
20Khumbulani izwi enganitshela lona mina lokuthi: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela; uma begciné izwi lami, nelenu bayakuligcina.
21Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.
22Uma bengingafikile, ngakhuluma kubo, ngabe abanasono; kepha kalokhu kabanazaba ngesono sabo.
23Ozonda mina uzonda noBaba.
24Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga ngomunye, ngabe abanasono, kepha kalokhu babonile, bangizonda nami noBaba.
25Kodwa kunjalo ukuba kugcwaliseke izwi elilotshiweyo emthethweni wakubo lokuthi: Bangizonda ngeze.
26Nxa esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguyena oyakufakaza ngami.
27Nani niyafakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.