UJesu uphilisa isiguli eBethesda ngesabatha
1Emva kwalokho kwakukhona umkhosi wabaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema.
2Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu.
3Kwakulele kuyo abagulayo abaningi kakhulu, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi.
4Ngokuba ingelosi yayehla izikhathi ngezikhathi, izamazamise amanzi, kuthi lowo ongené kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwamanzi asinde esifweni sakhe, noma enasifo sini.
5Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegulé iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili.
6UJesu embona elele, azi ukuthi usenesikhathi eside enjalo, wathi kuye: Uyathanda ukusinda na?
7Ogulayo wamphendula wathi: Nkosi, anginamuntu wokungifaka echibini, nxa amanzi ezanyazanyiswa; kuthi ngiseza, kwehle omunye phambi kwami.
8UJesu wathi kuye: Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe.
9Wayesephila masinyane lowomuntu, wathabatha uhlaka lwakhe, wahamba. Kwakuyisabatha ngalolosuku.
10Khona base bethi abaJuda kophilisiweyo: Yisabatha, akuvunyiwe uthwale uhlaka.
11Wabaphendula wathi: Ongiphilisileyo nguyena othé kimi: Thabatha uhlaka lwakho, uhambe.
12Bambuza bathi: Ngubani lowomuntu othé kuwe: Thabatha uhlaka lwakho uhambe, na?
13Kepha ophilisiweyo wayengazi ukuthi ungubani, ngokuba uJesu wayemukile lapho, kukhona isixuku kuleyondawo.
14Emva kwalokho uJesu wamfumana ethempelini, wathi kuye: Bheka, uphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokho.
15Wamuka lowomuntu, watshela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo.
16Ngenxa yalokho abaJuda bamzingela uJesu, ngokuba wakwenza lokho ngesabatha.
17Kepha wabaphendula wathi: UBaba usebenza kuze kube-manje, nami ngiyasebenza.
18Ngalokho-ke abaJuda kwayikhona befuna kakhulu ukumbulala, ngokuba wayengaphulile isabatha kuphela, kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana noNkulunkulu.
UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu
19Khona uJesu waphendula, wathi kubo: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze-lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza, ngokuba lokho akwenzayo yena, neNdodana iyakwenza kanjalo.
20Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo yena; woyikhombisa imisebenzi emikhulu kunalena ukuba nimangale.
21Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.
22Ngokuba noYise kahluleli-muntu; ukuniké iNdodana konke ukwahlulela
23ukuba bonke bazise iNdodana, njengokuba bazisa uYise. Ongayazisi iNdodana kamazisi noYise oyithumileyo.
24Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.
25Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu; abezwayo bayakuphila.
26Ngokuba njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe, kanjalo uyiphile neNdodana ibe-nokuphila ngokwayo.
27Uyiphile amandla okwahlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu.
28Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo,
29abenzé ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila, abenzé okubi ekuvukeni kokulahlwa.
30Mina ngingenze-lutho ngokwami; ngahlulela njengalokho engikuzwayo; ukwahlulela kwami kulungile, ngokuba ngingafuni eyami intando kepha intando yongithumileyo.
31Uma ngizifakazela mina, ubufakazi bami abuqinisile.
32Ngomunye ofakaza ngami; ngiyazi ukuthi ubufakazi angifakazela ngabo buqinisile.
33Nina nithumele kuJohane, walifakazela iqiniso.
34Kepha mina angibamukeli ubufakazi kumuntu; kodwa ngisho lokhu ukuba nisindiswe.
35Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo; nina-ke benithanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe.
36Kepha nginabo ubufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginiké yona ukuba ngiyifeze, yona lemisebenzi engiyenzayo, iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.
37NoBaba ongithumileyo ufakazile ngami. Anizange nizwe izwi lakhe, anisibonanga isimo sakhe.
38Nezwi lakhe aninalo elihleziyo phakathi kwenu, ngokuba amthumileyo yena lowo anikholwa nguye.
39Nihlola imibhalo, ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.
40Kepha anivumi ukuza kimi ukuba nibe-nokuphila.
41Mina angamukeli udumo kubantu.
42Kepha ngiyanazi nina ukuthi aninalo uthando lukaNkulunkulu phakathi kwenu.
43Ngizé egameni likaBaba, aningamukeli; uma kuza omunye ngelakhe igama, niyakumamukela yena.
44Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?
45Ningacabangi ukuthi ngiyakunimangalela kuBaba; ukhona onimangalelayo, uMose enithemba kuye.
46Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimina, ngokuba yena waloba ngami.
47Kodwa uma ningakholwa yimibhalo yakhe, niyakukholwa kanjani ngamazwi ami na?