Inkulumo yesibili kaElifazi: uJobe uyazigabisa; akakho olungileyo; ababi bayakujeziswa
1Wayesethatha uElifazi umThemani, wathi:
2Ohlakaniphileyo uyakuphendula ngokwazi okungumoya nje,
agcwalise isisu ngomoya wasempumalanga, na?
3Aphikisane ngamazwi angasizi-lutho
nangezinkulumo ezingenalusizo na?
4Yebo, uyachitha ukwesaba,
unciphisa ukuzindla phambi kukaNkulunkulu.
5Ngokuba ububi bakho buyafundisa umlomo wakho;
ukhetha ulimi lwabanobuqili.
6Ngumlomo wakho okulahlayo, akusimi;
izindebe zakho ziyafakaza ngawe.
7Ungumuntu wokuqala owazalwayo na?
Wavela ngaphambi kwezintaba na?
8Uzwile imfihlakalo kaNkulunkulu,
wazigodlela wedwa ukuhlakanipha, na?
9Wazini esingayazi thina na?
Uqonda-ntoni engekho kithina na?
10Kithina kukhona izimpunga namakhehla
amadala kunoyihlo.
11Zincane yini kuwe izinduduzo zikaNkulunkulu,
nezwi elikhulunywa kahle kuwe, na?
12Umukiselwani yinhliziyo yakho na?
Kungani ukuba amehlo akho aphayizele,
13uphendulele kuNkulunkulu ukufutheka kwakho,
ukhiphe amazwi emlonyeni wakho, na?
14Uyini umuntu ukuba abe-ngohlambulukileyo,
nozelwe ngowesifazane ukuba alungisiswe, na?
15Bheka, nabangcwele bakhe akabethembi,
nezulu alihlambulukile emehlweni akhe;
16kakhulu kangakanani onengekayo nowonakeleyo,
umuntu ophuza ukona njengamanzi, na?
17Ngiyakukwazisa, ungilalele;
ngiyakukulandisa engikubonileyo —
18lokho izihlakaniphi ezikubonakalisile,
zikuthathé koyise, zingakufihlanga,
19zona ezaphiwa zodwa izwe,
kungadabulanga kuzo umfokazi — ngokuthi:
20Umuntu omubi uyazibinya imihla yonke,
umumo weminyaka othukuselwe isidlwangudlwangu.
21Izwi lengebhe lisezindlebeni zakhe;
lapho ehlezi kahle, uyakufikelwa ngumphangi.
22Akethembi ukuthi uyakubuya ebumnyameni;
uyalindelwa yinkemba.
23Uyazulazulela ukudla: kuphi na?
Uyazi ukuthi usuku lobumnyama selungasesandleni sakhe.
24Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa;
kuyamahlula njengenkosi ezilungiselele impi,
25ngokuba waselulela isandla sakhe kuNkulunkulu,
wazigabisa kuSomandla.
26Wamdumela ngentamo elukhuni,
nangamaqhubu adumbileyo amahawu akhe,
27ngokuba wasibekela ubuso bakhe ngamafutha akhe,
wenza umvingqi okhalweni lwakhe.
28Wahlala emizini ebiyakuchithwa,
nasezindlini ebezingahlalwa,
ezaziyakuba-ngamanxiwa nje.
29Akayikuceba, nemfuyo yakhe ayiyikuma,
nokudla kwakhe akuyikukhothamela phansi.
30Akayikusuka ebumnyameni;
ilangabi liyakushisa amagatsha akhe,
amuke ngokuphefumula komlomo kaNkulunkulu.
31Makangethembi ezeni, ezikhohlisa,
ngokuba ize liyakuba-ngumvuzo wakhe.
32Kuyakufezwa kungakabi-yisikhathi,
negatsha lakhe alisayikuba-luhlaza.
33Uyakuvuthulula igwanya lakhe njengomvini,
alahle imbali yakhe njengomnqumo.
34Ngokuba ibandla labangenaNkulunkulu liyakuba-yinyumba,
umlilo uqede amatende abathengwa ngemivuzo.
35Bakhulelwe ingozi, bazala ukona;
isisu sabo silungisela inkohliso.