UJobe uqinisa ukuthi ukuhamba kwakhe kwakulungile njalo
1Ngenza isivumelwano namehlo ami:
ngingabuka kanjani intombi na?
2Ngokuba siyini isabelo ebesiyakuvela kuNkulunkulu phezulu,
nefa likaSomandla ebeliyakuvela ekuphakameni, na?
3Akusikho ukubhubha kwabangalungile
nengozi kwabenza okubi na?
4Yena akaboni izindlela zami,
abale izinyathelo zami zonke, na?
5Uma ngihambile ngamanga,
nonyawo lwami luphuthumé enkohlisweni,
6mangilinganiswe ngesilinganiso esilungileyo,
ukuze uNkulunkulu azi ukuphelela kwami.
7Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni,
inhliziyo yami yalandela amehlo ami,
uma kunamathela isisihla ezandleni zami,
8mangihlwanyele, kudle omunye,
yebo, zisishulwe izithelo zami.
9Uma inhliziyo yami iyengwé ngowesifazane,
ngaqamekela ngasemnyango womakhelwane wami,
10umkami makasilele omunye,
kuguqe abanye phezu kwakhe.
11Ngokuba lokho ngabe kuyicala,
ngabe kungububi bokujeziswa.
12Ngokuba kungumlilo odlayo kuze kube-sekubhujisweni,
kusishulwe yonke inzuzo yami.
13Uma ngidelele ukwahlulelwa kwenceku yami noma okwencekukazi yami,
lapho bephikisana nami,
14ngiyakwenze-njani, lapho uNkulunkulu evuka,
nalapho engiphenya, ngingaphendula ngokuthini na?
15Owangenza mina esiswini, wabenza nabo;
owasibumba esizalweni munye.
16Uma nginqabele abampofu abakufisayo,
ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,
17ngadla ucezu lwami lwesinkwa ngingedwa,
ingaludlanga nentandane —
18hayi, ikhulele kimi kwasebusheni bami njengakuyise;
kwasesizalweni sikamame ngangingumholi wabafelokazi —
19uma ngiboné obhubhile ngokuswela isambatho,
kungekho okokuzimboza kompofu;
20uma ukhalo lwakhe lungangibusisanga,
uma engafudunyezwanga nguboya bezimvu zami;
21uma ngiphakamisele intandane isandla sami,
ngokuba ngabona usizo lwami esangweni,
22maliwe ihlombe lami esiphangeni,
nengalo yami yaphulwe enkothweni yayo.
23Ngokuba ngesaba ukubhujiswa nguNkulunkulu;
ngenxa yokuphakama kwakhe bengingenakwenza-lutho.
24Uma ngibeké igolide libe-yithemba lami,
ngathi egolideni elihle: Ngithemba wena;
25uma ngithokozile, ngokuba imfuyo yami inkulu
nangokuba isandla sami sitholé okuningi;
26uma ngiboné ukukhanya ukuthi kuyakhazimula,
nenyanga ukuthi ihamba ngencwazimulo,
27kwayengwa inhliziyo yami esitha,
nomlomo wanga isandla sami,
28nalokho kwakungububi bokujeziswa,
ngokuba ngangimphikile uNkulunkulu phezulu.
29Uma ngithokozile ngengozi yongizondayo,
ngaxhuma lapho eficwa ngokubi —
30kepha angivumelanga ulimi lwami ukuba lone
ngokucela ukuphila kwakhe ngesifungo —
31uma abantu betende lami bengashongo ukuthi:
Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama yakhe na? —
32abafokazi kabalalanga phandle,
ngavulela izihambi iminyango yami —
33uma ngisibekele iziphambeko zami njengoAdamu
ngokufihla ububi bami esifubeni sami,
34ngokuba ngesaba isixuku esikhulu,
ngaba-novalo lokudelelwa ngabomndeni,
ngaze ngathula, angaphuma emnyango —
35sengathi angaba-khona ongizwayo —
nantu uphawu lwami, makangiphendule uSomandla —
ngibe-nencwadi ayilobileyo omelana nami!
36Ngangiyakuyithwala emahlombe ami,
ngiyibophe ibe-ngumqhele kimi,
37ngimlandise ngomumo wezinyathelo zami,
ngisondele kuye njengesikhulu.
38Uma umhlaba wami ukhalile ngami,
nemisele yawo ililile kanyekanye;
39uma ngidlile izithelo zawo ngingenamali,
ngenza ukuba bafe abaniniwo,
40makuhlume ikhakhasi esikhundleni sikakolweni,
kuvele ukhula endaweni yebhali*.
Amazwi kaJobe asephelile.