Izwe elingasentshonalanga kweJordani liyahlukaniswa
1Lawa angamafa abawathathayo abantwana bakwaIsrayeli ezweni laseKhanani abababela wona uEleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwaIsrayeli,
2ngenkatho yefa labo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose ngezizwe eziyisishiyagalolunye nangenxenye yesizwe.
3Ngokuba uMose wayezinikile izizwe ezimbili nenxenye yesizwe ifa ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwabo.
4Ngokuba abantwana bakwaJosefa babeyizizwe ezimbili, oManase noEfrayimi; abawanikanga amaLevi isabelo ezweni, kuphela imizi ukuhlala kuyo, namadlelo ayo ezinkomo zawo, neyemfuyo yawo.
5Njengalokho uJehova amyala uMose, benze njalo abantwana bakwaIsrayeli, bahlukanisa izwe.
Isabelo sikaKalebi
6AbakwaJuda basondela kuJoshuwa eGiligali; uKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, wathi kuye: Uyalazi wena izwi uJehova alikhuluma kuMose umuntu kaNkulunkulu ngami nangawe eKadeshi-Barineya.
7Ngangineminyaka engamashumi amane lapho uMose inceku kaJehova wangithuma ngisuka eKadeshi-Barineya ukuba ngihlole izwe, ngabuyisela izwi kuye njengokusenhliziyweni yami.
8Kepha abafowethu abakhuphuka nami baqeda amandla enhliziyo yabantu, kodwa mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.
9UMose wafunga ngalolosuku, wathi: Impela izwe unyawo lwakho olunyathelé kulo liyakuba-yifa lakho nelabantwana bakho kuze kube-phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.
10Manje bheka, uJehova ungisindisile njengokusho kwakhe leminyaka engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma lelizwi kuMose, uIsrayeli esahamba ehlane; bheka, manje sengineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu namuhla.
11Ngisenamandla namuhla njengasosukwini uMose angithuma ngalo; njengamandla ami ngalesosikhathi anjalo amandla ami manje ekulweni, ekuphumeni nasekungeneni.
12Ngalokho nginike manje lentaba uJehova akhuluma ngayo ngalolosuku, ngokuba wezwa wena ngalolosuku ukuthi ama-Anaki ayelapho enemizi emikhulu ebiyelweyo; mhlawumbe uJehova uyakuba-nami, ngiwaxoshe njengokukhuluma kukaJehova.
13UJoshuwa wambusisa, wamnika uKalebi indodana kaJefune iHebroni libe-yifa lakhe.
14Ngalokho iHebroni laba-yifa lika-Kalebi indodana kaJefune, umKhenizi, kuze kube-namuhla, ngokuba wamlandela uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli ngokupheleleyo.
15Igama leHebroni laliyiKiriyati-Araba kuqala ngomuntu owayemkhulu kuwo ama-Anaki.
Izwe lase liphumula ekulweni.