Isabelo sakwaManase ngasentshonalanga kwaseJordani
1Lesi siyisabelo sesizwe sakwaManase, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakiri-ke, izibulo likaManase, uyise kaGileyadi, wathola elakwaGileyadi neBashani, lokhu eyindoda yempi.
2Abanye abantwana bakwaManase babelwa nabo ngemindeni yabo: abantwana bakwa-Abiyezeri, nabantwana bakwaHeleki, nabantwana bakwa-Asiriyeli, nabantwana bakwaShekemi, nabantwana bakwaHeferi, nabantwana bakwaShemida; labo babengabantwana besilisa bakwaManase indodana kaJosefa ngemindeni yabo.
3Kepha uSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase wayengenamadodana, enamadodakazi odwa; lawa angamagama amadodakazi: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa.
4Asondela phambi kukaEleyazare umpristi, naphambi kukaJoshuwa indodana kaNuni, naphambi kwezikhulu, athi: UJehova wamyala uMose ukuba asinike ifa phakathi kwabafowethu. Wayesewanika ifa phakathi kwabafowabo bakayise njengesiyalezo sikaJehova.
5UManase wabelwa izabelo eziyishumi ngaphandle kwelakwaGileyadi neBashani ngaphesheya kweJordani,
6ngokuba amadodakazi kaManase aba-nefa phakathi kwamadodana akhe; izwe lakwaGileyadi laba-ngelamanye amadodana kaManase.
7Umkhawulo kaManase wasuka kwaAsheri, waya eMikemetha elingaphambi kweShekemi; umkhawulo wawusuya ngakwesokunene kwabakhileyo e-Eni-Taphuwa.
8Izwe laseTaphuwa lalingelikaManase, kepha iTaphuwa elisemkhawulweni kaManase lalingelabantwana bakwaEfrayimi.
9Umkhawulo wehlela emfudlaneni iKhana ngaseningizimu komfula; leyomizi yayingekaEfrayimi phakathi kwemizi kaManase; umkhawulo kaManase wawungasenyakatho komfula; ukuphuma kwawo kwakuselwandle;
10okwaseningizimu kwakungokukaEfrayimi, okwasenyakatho kwakungokukaManase, ulwandle lwalungumkhawulo wakhe; bafinyelela kwa-Asheri ngasenyakatho nakwaIsakare ngasempumalanga.
11KwaIsakare nakwa-Asheri uManase wabelwa iBeti-Sheyani kanye nemizana yalo, neJibileyamu kanye nemizana yalo, nabakhileyo eDori kanye nemizana yalo, nabakhileyo e-Eni-Dori kanye nemizana yalo, nabakhileyo eThahanaki kanye nemizana yalo, nabakhileyo eMegido kanye nemizana yalo eyizimpakama ezintathu.
12Kodwa abantwana bakwaManase babengenakunqoba leyomizi; kepha amaKhanani ayethanda ukuhlala kulelozwe.
13Kwathi lapho abantwana bakwaIsrayeli sebeqinile, bawasebenzisa amaKhanani, abawaxoshanga ngokupheleleyo.
14Abantwana bakwaJosefa bakhuluma kuJoshuwa, bathi: Unginikeleni isabelo sibe-sinye nje nesinqamu sibesinye kuphela, kube-yifa lami, lokhu ngiyisizwe esikhulu, njengokuba uJehova ungibusisile kuze kube-manje, na?
15UJoshuwa wathi kubo: Uma uyisizwe esikhulu, khuphukela ehlathini, uzicabele khona ezweni lamaPherizi nakwelamaRefa, lokhu izintaba zakwaEfrayimi ziminyene kuwe.
16Bathi abantwana bakwaJosefa: Izintaba azisanele; onke amaKhanani ahlala ezweni lesigodi anezinqola zensimbi, wona aseBeti-Sheyani kanye nemizana yalo nawo asesiGodini saseJizreyeli.
17UJoshuwa wayesekhuluma kuyo indlu kaJosefa, nakuEfrayimi, nakuManase, ethi: Uyisizwe esikhulu, unamandla amakhulu; awuyikuba-nasabelo esisodwa nje;
18kepha izintaba ziyakuba-ngezakho; noma ziyihlathi, woligawula; namaphethelo alo mawabe-ngawakho, ngokuba uyakuwaxosha amaKhanani, nakuba enezinqola zensimbi nakuba enamandla.