Ukuchithwa kweJerusalema
1Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi!
Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi.
Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.
2Uyakhala nokukhala ebusuku, izinyembezi zawo zisezihlathini zawo;
kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo;
bonke abangane bawo bawuphathé ngenkohliso, sebeyizitha zawo.
3UJuda uthunjiwe ngenxa yokuhlupheka nobugqila obuningi;
uhlala phakathi kwabezizwe, katholi ukuphumula;
bonke abamzingelayo bamfica ephakathi kobuhlungu.
4Izindlela zaseSiyoni ziyalila ngokuba kungeziwa emikhosini emisiweyo;
onke amasango achithekile, abapristi balo bayabubula;
izintombi zalo ziyahlupheka, nalo linomunyu.
5Abamelene nalo sebeyinhloko, izitha zalo zinokuthula,
ngokuba uJehova ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo;
izingane zalo ziyé ekuthunjweni ebusweni bezitha.
6Bonke ubukhosi bumukile endodakazini yaseSiyoni;
izikhulu zalo sezinjengezindluzele ezingafumani idlelo,
zihambile zingenamandla ebusweni babaxoshayo.
7IJerusalema liyakhumbula ezinsukwini zokuhlupheka kwalo nezinsizi zalo
konke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo;
lapho abantu balo bewela esandleni sezitha, kungekho olisizayo,
abamelene nalo balibona, bahleka ukuchithwa kwalo.
8IJerusalema lalonile kakhulu; ngalokho seliyisinengiso;
bonke ababelidumisa sebelidelela ngokuba beboné ubunqunu balo;
seliyabubula nalo, libuyela emuva.
9Ukungcola kwalo kwakusemaphethelweni alo, alikhumbulanga ukuphela kwalo;
lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi.
Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sizikhulisile.
10Isitha selulile isandla saso phezu kwakho konke okumnandi kwalo,
ngokuba sibonile ukuthi abezizwe bangené endlini yalo engcwele,
owabayala ukuthi abayikungena ebandleni lakho.
11Bonke abantu balo bayabubula, befuna isinkwa sabo;
banika okumnandi kwabo ngokudla ukuba babuyise umphefumulo.
Bheka, Jehova, ubhekisise, ngokuba ngiyadelelwa.
12Akulutho kinina nonke enidlula ngendlela na? Bhekani, nibone
ukuba kukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo,
uJehova angihluphé ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.
13Ephezulu ungithumele umlilo emathanjeni ami, wawahlula;
wenekele izinyawo zami inetha, wangibuyisela emuva.
Ungenzé incithakalo, ngiphele amandla usuku lonke.
14Iziphambeko zami zaboshwa ngesandla sakhe, zaba-yijoka;
zalukwa, sezisentanyeni yami; wakhubekisa amandla ami.
INkosi inginikele esandleni sabo engingenakumelana nabo.
15INkosi ilahlile onke amaqhawe ami phakathi kwami;
ingibizele umhlangano ukuphahlaza izinsizwa zami;
iNkosi inyathele njengasesikhamweni sewayini intombi eyindodakazi yakwaJuda.
16Ngiyakhala ngalokhu; iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi,
ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami.
Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.
17ISiyoni liyelula izandla zalo, akakho oliduduzayo.
UJehova uyalile ngoJakobe ukuba abamzungezayo babe-yizitha zakhe.
IJerusalema linjengesinengiso phakathi kwabo.
18UJehova ulungile, ngokuba ngihlubukile izwi lakhe.
Ake nizwe, bantu bonke, nibone ubuhlungu bami.
Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.
19Ngazibiza izithandwa zami, zangikhohlisa.
Abapristi bami namalunga ami bafela emzini,
besafuna ukudla ukuba babuyise umphefumulo wabo.
20Bheka, Jehova, ngokuba nginosizi; izibilini zami ziyaxhaphazela.
Inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami, ngokuba ngihlubukile nokuhlubuka.
Endle yinkemba eyaphucayo, ekhaya ngukufa.
21Bezwile ukuthi ngiyabubula, kepha anginamduduzi.
Zonke izitha zami zizwile ukuhlupheka kwami; ziyathokoza ukuthi nguwe okwenzileyo.
Ululethile usuku olumemezileyo, kepha ziyakuba-njengami.
22Mabufike bonke ububi bazo ebusweni bakho,
wenze kuzo njengokwenza kwakho kimi ngenxa yazo zonke iziphambeko zami,
ngokuba ukububula kwami kukhulu, nenhliziyo idangele.