Umkhuleko wokuzwelwa
1Khumbula, Jehova, esehlelwe yikho;
bheka, ubone ihlazo lethu.
2Ifa lethu seliphendulelwe abafokazi,
nezindlu zethu kwabezizwe.
3Siyizintandane, asinababa;
omame banjengabafelokazi.
4Amanzi ethu siyawaphuza ngemali,
izinkuni zethu ziza ngentengo.
5Abasixoshayo basezintanyeni zethu;
sikhathele, asinakuphumula.
6Siniké isandla sethu kulo iGibithe
nakulo iAsiriya ukuba sisuthe isinkwa.
7Obaba bona abasekho;
thina sithwala ububi babo.
8Izigqila ziyasibusa;
akakho osikhulula esandleni sabo.
9Sithola ukudla kwethu ngokuzidela amathambo
ngenxa yenkemba yasehlane.
10Isikhumba sethu siyasha njengeziko
ngokushisa kwendlala.
11Balala nabesifazane eSiyoni,
izintombi zasemizini yakwaJuda.
12Izikhulu zaphanyekwa ngezandla zabo;
ubuso babadala ababuhloniphanga.
13Izinsizwa zathwala amatshe okugaya,
abantwana bakhubeka phansi kwezinkuni.
14Abadala baphelile esangweni,
nezinsizwa ekuhlabeleleni kwazo.
15Intokozo yenhliziyo yethu iphelile;
ukusina kwethu kuphenduké ukulila.
16Umqhele uwile ekhanda lethu.
Maye kithina, ngokuba sonile!
17Ngalokho inhliziyo yethu idangele;
ngalezizinto amehlo ethu afiphele,
18ngenxa yentaba yaseSiyoni echithekile,
zize zihambe kuyo izimpungushe.
19Wena-Jehova umi phakade;
isihlalo sakho sobukhosi sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane.
20Usikhohlelwani kuze kube-phakade,
usishiye izinsuku eziningi, na?
21Sibuyisele kuwe-Jehova, siyakubuya;
yenza izinsuku zethu zibe-zintsha njengasendulo,
22ngokuba usilahlile nokusilahla,
wasithukuthelela kakhulu.