Imithetho yothi lwezibani
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Yala abantwana bakwaIsrayeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo agxotshelwe ukukhanyisa, ukuba izibani zivuthe njalonjalo.
3Ngaphandle kwesihenqo sobufakazi etendeni lokuhlangana uAroni uyakuzilungisa njalo phambi kukaJehova, aqale kusihlwa kuze kuse; kuyakuba-yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu,
4alungise njalo izibani othini olucwengekileyo phambi kukaJehova.
Imithetho yezinkwa zokubukwa
5Wothabatha impuphu ecolekileyo, upheke ngayo amaqebelengwane ayishumi nambili, iqebelengwane linye libenokweshumi okubili.
6Wowabeka izinqwaba ezimbili, ayisithupha abe-senqwabeni inye etafuleni elicwengekileyo phambi kukaJehova.
7Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo ezinqwabeni zombili, ibe-yisikhumbuzo esinkweni nomnikelo womlilo kuJehova.
8Amasabatha ngamasabatha uyakuzihlela phambi kukaJehova njalo; kungenxa yabantwana bakwaIsrayeli, kuyisivumelwano esiphakade.
9Ziyakuba-ngezika-Aroni nezamadodana akhe, bazidlele endaweni engcwele, ngokuba zingcwelengcwele, zingezakhe phakathi kweminikelo yomlilo kaJehova ngesimiso esiphakade.
Isijeziso sohlambalaza uNkulunkulu
10Indodana yowesifazane wakwaIsrayeli, uyise wayo engowaseGibithe, yaphuma yaya phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli; indodana yowesifazane wakwaIsrayeli nomuntu wakwaIsrayeli baxabana ekamu*;
11indodana yowesifazane wakwaIsrayeli yahlambalaza iGama, yathuka; yalethwa kuMose. Igama likanina lalinguShelomiti indodakazi kaDibiri, owesizwe sakwaDani.
12Bayifaka etilongweni ukuba batshelwe ngomlomo kaJehova.
13UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
14Mkhiphele ngaphandle kwekamu* lowo othukile; bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe.
15Uyakukhuluma kubantwana bakwaIsrayeli, uthi: Yilowo nalowo oqalekisa uNkulunkulu wakhe uyakuthwala isono sakhe.
16Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, yonke inhlangano imkhande nokumkhanda ngamatshe; umfokazi noma owokuzalwa ekhaya, nxa ehlambalaza igama likaJehova, wobulawa.
Imithetho yezijeziso
17Oshaya umuntu aze afe wobulawa nokubulawa.
18Oshaya inkomo ize ife uyakuyikhokha, kube-ngukuphila ngokuphila.
19Uma umuntu elimaza umakhelwane wakhe, njengalokho enzile yena kuyakwenziwa kanjalo kuye,
20kube-ngukwaphuka ngokwaphuka, neso ngeso, nezinyo ngezinyo; njengalokho elimazile umuntu, kanjalo kuyakwenziwa kuye.
21Obulala inkomo woyikhokha; obulala umuntu wobulawa.
22Niyakuba-nomthetho munye kumfokazi nakowokuzalwa ekhaya; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.
23UMose wakhuluma-ke kubantwana bakwaIsrayeli; bamkhiphela othukileyo ngaphandle kwekamu*, bamkhanda ngamatshe. Abantwana bakwaIsrayeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose.