Umthetho weminikelo yesono
1Uma umuntu ona lapho ezwa izwi lesifungo, engufakazi wokuthile, noma ekubonile noma ekwazi, engakusho nokho, khona wothwala ububi bakhe;
2noma umuntu ethinta into engcolileyo, noma isidumbu sesilo esingcolileyo, noma isidumbu senkomo engcolileyo, noma isidumbu sesilwanyana esikhasayo esingcolileyo, kumsithele, engcolile nokho, woba-necala.
3Noma ethinta ukungcola komuntu, nakuba yikuphi ukungcola kwakhe angcolé ngakho, kumsithele, lapho esekwazi woba-necala.
4Noma umuntu efunga ngamawala ngomlomo wakhe ukwenza okubi nokuba ukwenza okuhle, noma yikuphi umuntu angaphahluka ngakho ngesifungo, kumsithele, lapho esekwazi woba-necala kokunye kwalokho.
5Kuyakuthi lapho enecala kokunye kwalokho, avume lokho oné ngakho,
6uyakuletha umnikelo wecala lakhe kuJehova ngesono sakhe oné ngaso, insikazi yasezimvini, imvu noma imbuzi, kube-ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe.
7Uma amandla akhe enganeli imvu, makalethe kuJehova ngesono, oné ngaso amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye libe-ngumnikelo wesono, elinye libe-ngumnikelo wokushiswa,
8awalethe kumpristi oyakunikela ngelomnikelo wesono kuqala, alishumpule inhloko entanyeni, angalidabuli kodwa,
9afafaze uhlangothi lwealtare ngegazi lomnikelo wesono, igazi eliseleyo likhanyelwe ngasesinqeni sealtare; kungumnikelo wesono.
10Uyakulungisa elesibili libe-ngumnikelo wokushiswa njengokwesimiso, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe oné ngaso, aze athethelelwe.
11Kepha uma amandla akhe enganeli amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, makalethe umnikelo wakhe ngalokho oné ngakho, okweshumi kwe-efa* lempuphu ecolekileyo, ube-ngumnikelo wesono, angatheli-mafutha phezu kwawo, angabeki-nhlaka phezu kwawo, ngokuba kungumnikelo wesono,
12awulethe kumpristi, umpristi acaphune kuwo ngokhweshe, kube-yisikhumbuzo sawo, akushise ealtare phezu kweminikelo yomlilo kaJehova; kungumnikelo wesono.
13Umpristi uyakumenzela ukubuyisana ngesono sakhe oné ngaso, nakuyiphi yalezizinto, aze athethelelwe; okuseleyo kube-ngokompristi njengomnikelo wempuphu.
Umthetho weminikelo yecala
14UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
15Uma umuntu esenza isiphambeko, one kungengamabomu ezintweni ezingcwele zikaJehova, woletha kuJehova umnikelo wakhe wecala, inqama yasemhlambini engenasici njengokulinganisa kwakho namashekeli* esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele, ibe-ngumnikelo wecala,
16akhokhele lokho oné ngakho entweni engcwele, athasisele kukho okwesihlanu, akunike umpristi, umpristi amenzele ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala, aze athethelelwe.
17Uma umuntu ona, enza noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayalé ngakho ukuthi akunakwenziwa, noma ebengakwazi, unecala nokho, futhi wothwala ububi bakhe.
18Woletha kumpristi inqama engenasici yasemhlambini njengokulinganisa kwakho, ibe-ngumnikelo wecala, umpristi amenzele ukubuyisana ngesiphosiso aphosisé ngaso engazi, aze athethelelwe.
19Kungumnikelo wecala; nempela unecala phambi kukaJehova.