Izithasiselo zemithetho yeminikelo yokushiswa, neyeminikelo yempuphu, neyeminikelo yesono
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Uma umuntu ona, enze isiphambeko kuJehova, akhohlise umakhelwane wakhe ngento ebekiweyo, noma isibambiso noma into ephangiweyo, noma ecindezela umakhelwane wakhe,
3noma, lapho ethola into elahlekileyo, eyiphika, afunge amanga, noma yikuphi kukho konke lokhu umuntu akwenzayo oné ngakho,
4khona kuyakuthi, uma onile aze abe-necala, uyakukubuyisa lokho okuphangiweyo, noma lokho akudlileyo, noma lokho okwakubekwé kuye, noma lokho okwakulahlekile akutholayo,
5noma yikuphi afungile amanga ngakho; makakubuyise, athasisele okwesihlanu kukho, amnike lowo okungokwakhe ngosuku lomnikelo wakhe wecala.
6Woletha umnikelo wakhe wecala kuJehova, inqama engenasici yasemhlambini ngokulinganisa kwakho, ibe-ngumnikelo wecala, iyiswe kumpristi,
7umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, aze athethelelwe konke angahle abe ekwenzile anecala ngakho.
8UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
9Yala uAroni namadodana akhe, uthi: Nanku umthetho weminikelo yokushiswa: umnikelo wokushiswa uyakuhlala eziko lealtare ubusuku bonke kuze kuse, umlilo wealtare uhlale kulo uvutha njalo.
10Umpristi uyakwembatha isambatho selineni, afake nebhulukwe lakhe lelineni emzimbeni wakhe, asuse umlotha womlilo oshisé umnikelo wokushiswa ealtare, awuthele ngaseceleni kwealtare.
11Abesekhumula izambatho zakhe, embathe ezinye izambatho, akhiphele umlotha ngaphandle kwekamu* endaweni ehlambulukileyo.
12Umlilo ophezu kwealtare uyakuhlala kulo uvutha njalo, ungacimi; umpristi uyakubasa izinkuni kulo ekuseni njalo, ahlele kulo umnikelo wokushiswa, ashise kulo amanoni eminikelo yokuthula.
13Umlilo wohlala ealtare uvutha njalo, ungacimi.
14Nanku umthetho weminikelo yempuphu: amadodana ka-Aroni ayakunikela ngawo phambi kukaJehova ngaphambi kwealtare.
15Makucashunwe kuwo ngokhweshe impuphu ecolekileyo yomnikelo wempuphu namafutha awo, nayo yonke inhlaka ephezu komnikelo wempuphu, akushise ealtare kube-yisikhumbuzo sawo, kubeyiphunga elimnandi kuJehova.
16Okuseleyo kuwo kuyakudliwa nguAroni namadodana akhe, kudliwe ngaphandle kwemvubelo endaweni engcwele, bakudlele egcekeni letende lokuhlangana.
17Akuyikuphekwa ngemvubelo. Ngikuniké kube-yisabelo sabo seminikelo yami yomlilo; kungcwelengcwele njengomnikelo wesono nanjengomnikelo wecala.
18Bonke abesilisa phakathi kwabantwana baka-Aroni bayakukudla kubeyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu seminikelo yomlilo kaJehova; konke okukuthintayo kuyakuba-ngcwele.
19UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
20Nanku umnikelo ka-Aroni nowamadodana akhe abayakunikela ngawo kuJehova mhla begcotshwa: okweshumi kwe-efa* lempuphu ecolekileyo kubengumnikelo wempuphu njalonjalo, inxenye yakho ekuseni nenxenye yakho kusihlwa.
21Uyakwenziwa emqengeleni ngamafutha; usuxutshanisiwe wowungenisa, unikele ngomnikelo wempuphu, ube-yizingcezu ezihleshuliweyo, zibe-yiphunga elimnandi kuJehova.
22Umpristi ogcotshiweyo esikhundleni sakhe phakathi kwamadodana akhe wonikela ngawo, kube-yisimiso esiphakade; woshiswa wonke.
23Yonke iminikelo yempuphu yompristi yoshiswa yonke, ingadliwa.
24UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
25Yisho kuAroni nakumadodana akhe, uthi: Nanku umthetho weminikelo yesono; endaweni ohlatshelwe kuyo umnikelo wokushiswa, mawuhlatshelwe khona umnikelo wesono phambi kukaJehova; ungcwelengcwele.
26Umpristi onikela ngawo ngesono wowudla, udliwe endaweni engcwele egcekeni letende lokuhlangana.
27Konke okuyakuthinta inyama yawo kuyakuba-ngcwele; nxa ingubo ifafazwa ngegazi lawo, lapho kufafazwé khona uyakukugeza endaweni engcwele.
28Kepha isitsha sebumba okuphekelwe kuso masaphulwe, kodwa uma kuphekelwa esitsheni sethusi, siyakuphucuzwa, sihashazwe ngamanzi.
29Bonke abesilisa phakathi kwabapristi bayakuwudla; ungcwelengcwele.
30Kepha makungadliwa-mnikelo wesono okwangeniswa igazi lawo etendeni lokuhlangana ukuba kwenziwe ukubuyisana endaweni engcwele; woshiswa ngomlilo.