Ukugcotshwa kwabapristi
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Thabatha uAroni namadodana akhe kanye naye, nezambatho, namafutha okugcoba, nenkunzi yomnikelo wesono, nezinqama zombili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo,
3ubuthele inhlangano yonke ngasemnyango wetende lokuhlangana.
4UMose wenza njengalokho uJehova emyalile; inhlangano yabuthelwa ngasemnyango wetende lokuhlangana.
5UMose wayesethi kuyo inhlangano: Nansi into uJehova ayalé ngayo ukuba yenziwe.
6UMose waletha uAroni namadodana akhe, wabageza ngamanzi.
7Wamfaka ibhantshi, wambhincisa ibhande*, wamembathisa ijazi; wamfaka ingubo yamahlombe, wambhincisa ibhande elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, wayibophela kuye ngalo.
8Wamfaka isihlangu sesifuba, nasesihlangwini sesifuba wabeka iUrimi neThumimi*.
9Wafaka isigqoko ekhanda lakhe, nasesigqokweni ngaphambili wafaka ungcwecwe wegolide, umqhele ongcwele, njengalokho uJehova emyalile uMose.
10UMose wathatha amafutha okugcoba, waligcoba itabernakele* nakho konke okuphakathi kwalo, wakungcwelisa.
11Wafafaza ngawo ialtare kasikhombisa, waligcoba ialtare kanye nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.
12Wathela amafutha okugcoba ekhanda lika-Aroni, wamgcoba ukuba angcweliswe.
13UMose wayeseletha amadodana ka-Aroni, wawembathisa amabhantshi, wawabhincisa amabhande*, wawafaka izigqoko, njengalokho uJehova emyalile uMose.
14Waletha nenkunzi yomnikelo wesono; uAroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenkunzi yomnikelo wesono.
15Wayeseyihlaba; uMose wathatha igazi, walibheca ezimpondweni zealtare nxazonke ngomunwe wakhe, waliphothula ialtare, walithulula igazi ngasesinqeni sealtare, walingcwelisa ukuba alenzele ukubuyisana.
16Wathatha onke amanoni aphezu kwezibilini, namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni azo, uMose wakushisa ealtare.
17Kepha inkunzi nesikhumba sayo, nenyama yayo, nomswani wayo, wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu*, njengalokho uJehova emyalile uMose.
18Wayeseletha inqama yomnikelo wokushiswa; uAroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama.
19Wayihlaba, uMose wafafaza ialtare ngegazi nxazonke.
20Wayeseyihlahlela inyama izitho; uMose washisa inhloko nezitho namanoni.
21Wahlanza izibilini namanqina ngamanzi; uMose washisa yonke inqama ealtare; yayingumnikelo wokushiswa, waba-yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
22Waletha nenye inqama, inqama yokwahlukaniselwa; uAroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama.
23Wayihlaba; uMose wathatha igazi layo, walibheca esicutshini sendlebe yokunene ka-Aroni, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene.
24Wayeseletha amadodana ka-Aroni, uMose walibheca igazi esicutshini sendlebe yabo yokunene, nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene; uMose wafafaza ialtare ngegazi nxazonke.
25Wawathatha amanoni, nomsila ononileyo, nawo onke amanoni aphezu kwezibilini, namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni azo, nomlenze wokunene,
26naseqomeni lezinkwa ezingenamvubelo elalisebusweni bukaJehova wathatha iqebelengwane laba-linye elingenamvubelo, neqebelengwane laba-linye lesinkwa samafutha, nomqathane munye, wakubeka phezu kwamanoni naphezu komlenze wokunene,
27wakubeka konke ezandleni zika-Aroni, nasezandleni zamadodana akhe, wakuzulisa kwaba-ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.
28UMose wayesekuthatha ezandleni zabo, wakushisa ealtare emnikelweni wokushiswa; kwakungokokwahlukaniselwa, kwaba-yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
29UMose wathatha isifuba, wasizulisa saba-ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; sasiyisabelo sikaMose sasenqameni yokwahlukaniselwa, njengalokho uJehova emyalile uMose.
30UMose wayesethatha amafutha okugcoba, negazi elalisealtare, wafafaza ngalo uAroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe, wangcwelisa uAroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe.
31Wathi uMose kuAroni nakumadodana akhe: Phekani inyama ngasemnyango wetende lokuhlangana, niyidle kanye nesinkwa esiseqomeni lokwahlukaniselwa, njengalokho ngayala ngathi: UAroni namadodana akhe bayakukudla.
32Okuseleyo kwenyama nokwesinkwa anokushisa ngomlilo.
33Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana izinsuku eziyisikhombisa, kungakaphele izinsuku zokwahlukaniselwa kwenu, ngokuba uyakunahlukanisela izinsuku eziyisikhombisa.
34UJehova uyalile ukuba kwenziwe njengalokho kwenziwe namuhla, ukuze nenzelwe ukubuyisana.
35Ngasemnyango wetende lokuhlangana niyakuhlala imini nobusuku izinsuku eziyisikhombisa, nisigcine isiyalezo sikaJehova, ukuze ningafi, ngokuba ngiyaliwe kanjalo.
36UAroni namadodana akhe benza konke uJehova ayalé ngakho ngesandla sikaMose.