Okulahlekileyo: imvu, uhlamvu lwesiliva, indodana
1Kwase kusondela kuye bonke abathelisi nezoni ukumuzwa.
2AbaFarisi nababhali base bekhonona bethi: Lomuntu wamukela izoni, adle nazo.
3Wayesebalandisa lomfanekiso, ethi:
4Ngumuphi umuntu kini onezimvu eziyikhulu, alahlekelwe ngenye kuzo, angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ehlane, aye kwelahlekileyo, aze ayithole, na?
5Athi eseyitholile, ayetshathe ethokoza.
6Esefiké ekhaya ameme abahlobo nabakhelwane, athi kubo: Thokozani nami, ngokuba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile.
7Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba-khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.
8Noma ngumuphi owesifazane othi enezinhlamvu zesiliva eziyishumi, uma elahlekelwe luhlamvu lwaba-lunye, angokheli isibani, ashanele indlu, afunisise, aze aluthole?
9Athi ukuba aluthole, abize abahlobo nabakhelwane, athi: Thokozani nami, ngokuba ngilutholile uhlamvu lwami obelungilahlekele.
10Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.
11Wayesethi: Umuntu othile wayenamadodana amabili.
12Encane yawo yayisithi kuyise: Baba, nginike isabelo sefa esiqondene nami; wawahlukanisela impahla.
13Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude, yachitha khona imfuyo yayo ihamba ngokonakala.
14Isisaphazé konke, kwavela indlala enkulu kulelozwe; yaqala ukuswela.
15Yayisiya kukhonza komunye umuntu walelozwe; yena wayithuma emadlelweni akhe ukuba yaluse izingulube.
16Yafisa ukuzisuthisa ngemidumba edliwa yizingulube; kepha kayiphiwangamuntu.
17Kuthé sekusile kuyo, yathi: Bangaki abaqashwa bakababa abanokudla okuningi, kanti mina ngifa indlala lapha.
18Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi kuye: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho;
19angisafanele ukuthiwa indodana yakho; ngenze, ngibe-njengomunye wabaqashwa bakho.
20Yayisisuka, yafika kuyise; kepha kuthé isekude, uyise wayibona, waba-nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.
21Indodana yayisithi kuye: Babe, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; angisafanele ukuthiwa indodana yakho.
22Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: Sheshani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni,
23nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule;
24ngokuba lendodana yami ibifile, yabuye yaphila; ibilahlekile, seyatholakala; base beqala ukujabula.
25Kepha indodana yakhe enkulu yayisensimini; yathi isiza isondela endlini, yezwa ukuhlabelela nokusina.
26Yabiza omunye wabafana, yabuza ukuthi kwenze-njani lokho.
27Wathi kuyo: Kufiké umfowenu; uyihlo wahlaba ithole elikhuluphalisiweyo, ngokuba ubuyé wamthola ephilile.
28Kepha yathukuthela, kayivumanga ukungena; uyise wayesephuma, wayincenga.
29Kodwa yaphendula, yathi kuyise: Bheka, iminyaka engaka ngikukhonzile; angizange ngeqe umyalo wakho, kepha mina awuzange ungiphe nazinyane lembuzi ukuba ngijabule nabahlobo bami,
30kodwa kuthé ukuba ifike leyondodana yakho eqedé imfuyo yakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.
31Wayesethi kuyo: Mntanami, wena uhlala nami njalo; konke okwami kungokwakho.
32Kepha simelwe ukujabula, sithokoze, ngokuba umfowenu lo wayefile, wabuye waphila; wayelahlekile, sewatholakala.