Umahluleli ongalungile
1Wabalandisa umfanekiso wokuthi bamelwe ukukhuleka njalo, bangadangali.
2Wathi: Kwakukhona emzini othile umahluleli othile owayengamesabi uNkulunkulu, enganaki-muntu.
3Kulowomuzi kwakukhona futhi umfelokazi owayelokhu efika kuye, ethi: Ngizwele esitheni sami.
4Kwaba-yisikhathi engavumi; kepha ngasemuva wathi phakathi kwakhe: Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, nginganaki-muntu,
5nokho-ke ngokuba lomfelokazi engikhathaza njalo, ngiyakumzwela, funa angizuke ngokufika njalonjalo.
6Yayisithi iNkosi: Yizwani okushiwo ngumahluleli ongalungile.
7UNkulunkulu kayikubezwela yini abakhethiweyo bakhe abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele, na?
8Ngithi kini: Uzakubezwela masinyane. Nokho nxa ifika iNdodana yomuntu, imbala iyakufumana ukukholwa emhlabeni na?
UmFarisi nomthelisi ethempelini
9Wayesekhuluma kwabathile ababezethemba ukuthi balungile, bedelela abanye, ebalandisa lomfanekiso ngokuthi:
10Abantu ababili benyukela ethempelini beya kukhuleka, omunye engumFarisi, omunye engumthelisi.
11UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu: izigcwelegcwele, abangalungile, iziphingi, nanjengalomthelisi.
12Ngizila ukudla kabili ngeviki, nginikela okweshumi kukho konke enginakho.
13Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe, ethi: Nkulunkulu, ngihawukele mina-soni.
14Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kunomunye. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, kodwa ozithobayo uzakuphakanyiswa.
Ukubusiswa kwabantwana
15Baletha kuye nabantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi bekubona babakhuza.
16Kodwa uJesu wababizela kuye, wathi: Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.
17Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.
Insizwa enothileyo
18Umbusi othile wayesembuza ethi: Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?
19Kepha uJesu wathi kuye: Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu.
20Uyayazi imiyalelo ukuthi: Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo nonyoko.
21Kepha wathi: Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.
22UJesu ekuzwé lokho wathi kuye: Usasilalelwe into inye: thengisa ngakho konke onakho, wabele abampofu, khona uzakuba-negugu ezulwini; uze ungilandele.
23Kuthé ekuzwa lokho, wadabuka impela, ngokuba wayenothile kakhulu.
24UJesu embona wathi: Kulukhuni kangakanani kwabanomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.
25Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.
26Abezwayo base bethi: Pho, kungasindiswa-bani na?
27Kepha wathi: Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.
Umvuzo wokuzidela
28Wayesethi uPetru: Bheka, thina sishiyé okwethu, sakulandela.
29Wathi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Akukho-muntu oshiyé indlu, noma umkakhe, noma abafowabo, noma abazali, noma abantwana ngenxa yombuso kaNkulunkulu,
30ongayikwamukeliswa okuphindwé kaningi kulesisikhathi nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.
UJesu ukhuluma ngokuhlupheka kwakhe
31Wayesebasondeza kuye abayishumi nambili, wathi kubo: Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; konke okulotshwé ngabaprofethi ngeNdodana yomuntu kuyakugcwaliseka.
32Ngokuba izakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, idunyazwe, ikhafulelwe ngamathe,
33bayishaye, bayibulale; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka.
34Kepha bona kabaqondanga-lutho lwalokho; lelozwi lalifihlakele kubo, abakuqondanga obekushiwo.
35Kwathi esesondela eJeriko, impumputhe ethile yayihlezi ngasendleleni inxiba.
36Isizwa isixuku sidlula, yabuza ukuthi: Kuyini lokhu?
37Base beyitshela ukuthi: Kudlula uJesu waseNazaretha.
38Yayisimemeza ithi: Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!
39Ababehamba phambili bayikhuza ukuba ithule; kepha kwayikhona imemeza kakhulu yona, ithi: Ndodana kaDavide, ngihawukele!
40Wema-ke uJesu, wayala ukuba ilethwe kuye. Isisondele, wayibuza wathi:
41Ufuna ukuba ngikwenzeleni na? Yathi: Nkosi, ukuba ngibone.
42UJesu wathi kuyo: Bona! Ukukholwa kwakho kukusindisile.
43Yayisibona khona-lapho, yamlandela imdumisa uNkulunkulu; nabantu bonke bekubona bamnika uNkulunkulu indumiso.