Ukuzalwa kukaJesu nokusokwa kwakhe
1Kwathi ngalezozinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke.
2Lokhukubalwa kokuqala kwenziwa uKhureniyu engumbusi waseSiriya.
3Bonke baya kubalwa, yilowo nalowo emzini wakubo.
4Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide,
5ukuyobalwa kanye noMariya owammiselwe ukuba abe-ngumkakhe, ekhulelwe.
6Kwathi-ke beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe.
7Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi.
8Kwakukhona abelusi kulelozwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku.
9Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu.
10Ingelosi yathi kubo: Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakubakubantu bonke
11ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.
12Nalokhu kuyisiboniso kini: niyakufumana umntwana embesiwe, elele emkhombeni.
13Masinyane kwaba-khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi:
14Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu,
nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.
15Kwathi ukuba zimuke kubo izingelosi ziya ezulwini, abelusi bakhuluma bodwa, bathi: Asihambe manje, size sifike eBetlehema, sibone leyonto eyenzekileyo iNkosi esazisile yona.
16Bephuthuma bafika, bafumanisa oMariya noJosefa nomntwana olele emkhombeni.
17Sebebonile balanda ngalelozwi ababetshelwé lona ngalowomntwana.
18Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywé kubo ngabelusi.
19Kepha uMariya wagcina onke lawomazwi ezindla ngawo enhliziyweni yakhe.
20Babuya-ke abelusi bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke abakuzwileyo nabakubonileyo, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo.
21Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili zokuba umntwana asokwe, igama lakhe lathiwa uJesu, elaliqanjiwe yingelosi, engakathatshathwa esiswini.
OSimeyoni noAna
22Kwathi ukuba kuphelele izinsuku zokuhlanjululwa kwabo ngokomthetho kaMose, benyukela naye eJerusalema ukuba bammise phambi kweNkosi
23njengokulotshiwe emthethweni weNkosi ukuthi: Konke okwesilisa okuyizibulo kuyakuthiwa okwahlukaniselwe iNkosi,
24banikele ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.
25Bheka, kwakukhona umuntu eJerusalema ogama lakhe linguSimeyoni; lomuntu wayelungile, emesaba uNkulunkulu, ebhekile induduzo kaIsrayeli; noMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.
26Kwakubonakalisiwe kuye ngoMoya oNgcwele ukuthi akayikubona ukufa engakamboni uKristu weNkosi.
27Wafika ngoMoya ethempelini. Kwathi ukuba abazali balethe umntwana uJesu ethempelini ukuba benze kuye njengesiko lomthetho,
28wamamukela ngokumgona, wambonga uNkulunkulu, wathi:
29Sale usumukisa ngokuthula inceku yakho,
Somandla, njengezwi lakho,
30ngokuba amehlo ami abonile
insindiso yakho
31oyilungisele ebusweni babantu bonke,
32ukukhanya kokwambulela abezizwe
nenkazimulo yesizwe sakho uIsrayeli.
33Uyise nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye.
34USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kuIsrayeli, nesibonakaliso esiphikwayo —
35yebo, inkemba iyakudabula nowakho umphefumulo — ukuba kwambulwe izizindlo zezinhliziyo eziningi.
36Kwakukhona nomprofethikazi, uAna, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Aseri; wayesekhulile kakhulu, ebehlalile nendoda iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe,
37engumfelokazi waze waba-neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.
38Naye-ke efika ngasona lesosikhathi wamtusa uNkulunkulu, wakhuluma ngaye kubo bonke ababebheké ukukhululwa kweJerusalema.
39Kwathi sebefezé konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile emzini wakubo iNazaretha.
40Wakhula umntwana, waba-namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.
Umntwana uJesu ethempelini eneminyaka eyishumi nambili
41Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka yonke ngomkhosi wePhasika.
42Eseneminyaka eyishumi nambili, bakhuphuka njengokomthetho womkhosi.
43Sebeziqedile izinsuku, ekubuyeni kwabo, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi.
44Bethi-ke bona uphakathi kwabahambisana nabo bahamba ibanga losuku, bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo.
45Bengamtholi babuyela eJerusalema, bemfuna.
46Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza.
47Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe.
48Bathi bembona, bamangala; unina wathi kuye: Mntanami, usenzeleni okunje na? Bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi.
49Wathi kubo: Kukanjani beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ukuba ngibe-kokukaBaba na?
50Abaliqondanga lelozwi abelikhuluma kubo.
51Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawagcina onke lawamazwi enhliziyweni yakhe.
52UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.