Umnikelo womfelokazi
1Kwathi ebheka, wabona abacebileyo bebeka iminikelo yabo emphongolweni womnikelo.
2Wabona nomfelokazi othile ompofu ebeka khona amafadingi* amabili;
3wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Lomfelokazi ompofu ubeké okuningi kunabo bonke.
4Ngokuba bonke laba babeka eminikelweni kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeké konke abephila ngakho.
Ukuchithwa kweJerusalema nokufika kweNdodana yomuntu
5Besakhuluma abanye ngethempeli ukuthi lihlotshiswé ngamatshe amahle nangezipho, wathi kubo:
6Kuyakufika izinsuku, lapho kungayikushiywa kulokhu enikubonayo itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.
7Base bembuza bethi: Mfundisi, lokhu kuyakuba-nini na? Nesibonakaliso siyakuba-yini, lapho sekuyakwenzeka lokhu, na?
8Wathi: Qaphelani ningadukiswa, ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: Nginguye; bathi futhi: Isikhathi sesisondele; maningabalandeli.
9Nxa nizwa ngezimpi neziyaluyalu, ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke lokho kuqala, kepha ukuphela akukabikho masinyane.
10Khona wathi kubo: Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso;
11kuyakuba-khona ukuzamazama okukhulu komhlaba nobici nendlala izindawo ngezindawo, kube-khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.
12Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, banikhaphele emasinagogeni* nasematilongweni, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.
13Kuyakunehlela kube-ngubufakazi.
14Ngakho kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuba ningazindli ngaphambili eniyakuziphendulela ngakho;
15ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.
16Yebo, niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo.
17Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami.
18Akuyikulahleka nalunwele lwekhanda lenu.
19Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.
20Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo.
21Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, abaphakathi kwalo baphume, abasemaphandleni bangangeni kulo.
22Ngokuba lezi ziyizinsuku zempindiselo ukuba kugcwaliseke konke okulotshiweyo.
23Maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezozinsuku! Ngokuba kuyakuba-khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni nentukuthelo phezu kwalesisizwe.
24Bayakuwa bedliwa yinkemba, bathunjelwe ezizweni zonke; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.
25Kuyakuba-khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke ngokuduma kolwandle namaza,
26abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba; ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa.
27Khona bayakuyibona iNdodana yomuntu iza efwini, inamandla nenkazimulo enkulu.
28Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.
29Wabalandisa umfanekiso wokuthi: Bhekani umkhiwane nemithi yonke.
30Nxa isihluma, niyabona, nazi ngokwenu ukuthi ihlobo seliseduze.
31Kanjalo nani, nxa nibona lezozinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.
32Ngiqinisile ngithi kini: Lesisizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke.
33Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.
34Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhukuphila, lunizume lolosuku ningazelele,
35ngokuba luyakufika njengogibe phezu kwabo bonke abahlezi emhlabeni wonke.
36Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe-namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu.
37Njalo wayefundisa ethempelini emini, kepha kusihlwa waphuma ayokulala entabeni ethiwa eyemiNqumo.
38Ekuseni abantu bonke beza kuye ethempelini ukumuzwa.