Isithunywa sikaJehova
1Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bheka, siyeza, usho uJehova-Sebawoti.
2Ngubani ongathwala usuku lokufika kwaso? Ngubani oyakuma ekubonakaleni kwaso na? Ngokuba sinjengomlilo wocwengisisayo nensipho yomhlanzi.
3Siyakuhlala sicwengisisa sihlanza isiliva, sihlambulule amadodana kaLevi, siwahluze njengegolide nesiliva, aze anikele ngeminikelo kuJehova ngokulunga.
4Isiyakuba-mihle kuJehova iminikelo yakwaJuda neyeJerusalema njengasezinsukwini zasendulo naseminyakeni yakuqala.
5Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe-ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina, usho uJehova-Sebawoti.
6Ngokuba mina-Jehova angiguquki; ngalokho nina-madodana kaJakobe aniqedwa.
7Kusukela emihleni yawoyihlo nichezukile ezimisweni zami, anizigcinanga. Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini, usho uJehova-Sebawoti. Nokho nithi: Siyakubuyela kanjani?
8Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho niyangiphanga. Besenithi: Sikuphangé kanjani na? Ngokweshumi nangeminikelo.
9Niqalekisiwe ngesiqalekiso, nokho niyangiphanga, sizwe sonke.
10Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube-ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu, usho uJehova-Sebawoti, uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.
11Ngenxa yenu ngiyakukhuza okudlayo, kungachithi izithelo zomhlabathi wenu, nemivini yenu ayiyikuphutha endle, usho uJehova-Sebawoti.
12Zonke izizwe ziyakuthi nibusisiwe, ngokuba niyakuba-yizwe elithokozisayo, usho uJehova-Sebawoti.
Ukunqoba kolungileyo
13Amazwi enu ayelukhuni kimi, usho uJehova. Nokho nithi: Sikhulumeni ngawe na?
14Nithi: Kuyize ukukhonza uNkulunkulu; kuyinzuzoni ukuthi sigcinile imfanelo yakhe nokuthi sihambé ngokukhedamisa phambi kukaJehova-Sebawoti na?
15Kepha manje siyakuthi babusisiwe abaziqhenyayo; yebo, abenza okubi bayakhiwa; noma bemlinga uNkulunkulu, bayakhululwa.
16Khona abamesaba uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye; uJehova waqaphela, wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.
17Bayakuba-ngabami, usho uJehova-Sebawoti, babe-yimfuyo yami ngosuku engiyakulwenza, ngibahawukele, njengalokhu umuntu ehawukela indodana yakhe emkhonzayo.
18Besenibuya, nahlukanise abalungileyo nababi, abamkhonza uNkulunkulu nabangamkhonziyo.