Ukulingwa kukaJesu
1Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.
2Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.
3Kwafika umlingi, wathi kuye: Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawamatshe abe-yizinkwa.
4Kepha waphendula wathi: Kulotshiwe ukuthi: Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.
5Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli,
6wathi kuye: Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi; ngokuba kulotshiwe ukuthi:
Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe,
zikuthwale ngezandla,
ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.
7UJesu wathi kuye: Kulotshiwe futhi ukuthi: Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.
8USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo;
9wathi kuye: Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.
10Khona uJesu wathi kuye: Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.
11USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza.
UJesu uqala ukusebenza eGalile. Ukubizwa kwabafundi
12Kuthé esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile.
13Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali
14ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngoIsaya umprofethi ukuthi:
15Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetali
ngaselwandle ngaphesheya kweJordani,
iGalile labezizwe,
16isizwe esasihlezi ebumnyameni
sibonile ukukhanya okukhulu,
nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa
kuphumele kubo ukukhanya.
17Kusukela kulesosikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.
18UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru noAndreya umfowabo, bephonsa inetha elwandle; ngokuba babengabadobi.
19Wayesethi kubo: Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe-ngabadobi babantu.
20Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.
21Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wababiza.
22Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.
23UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.
24Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafé uhlangothi, wabaphulukisa.
25Izixuku eziningi zamlandela zivela eGalile, naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.