UJesu uphilisa umuntu onochoko
1Kwathi esehlile entabeni, zamlandela izixuku eziningi.
2Bheka, kwafika onochoko, wakhuleka kuye, wathi: Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.
3Wayeselula isandla, wamphatha, wathi: Ngiyathanda; hlambuluka. Wayesehlambuluka masinyane ochokweni lwakhe.
4UJesu wayesethi kuye: Bheka, ungatsheli-muntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, uyise umnikelo owayalelwa nguMose, kube-ngubufakazi kubo.
Ukuphulukiswa kwenceku yenduna
5Kwathi esangena eKapernawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga yathi:
6Nkosi, umfana wami ulele endlini, ufé uhlangothi, ukhwelwe kakhulu ngubuhlungu.
7Wathi kuyo: Mina ngizakuza ngimphulukise.
8Induna yekhulu yaphendula yathi: Nkosi, angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami; kepha yisho izwi nje, khona umfana wami uyakusinda.
9Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: Hamba, lihambe; ngithi kwelinye: Woza, lize; nasencekwini yami: Yenza lokhu, ikwenze.
10UJesu ekuzwa lokho wamangala, wathi kwabamlandelayo: Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngifumane kwaIsrayeli ukukholwa okungaka kumuntu.
11Kepha ngithi kini: Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni noAbrahama noIsaka noJakobe embusweni wezulu,
12kodwa abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba-khona ukukhala nokugedla amazinyo.
13UJesu wayesethi enduneni yekhulu: Hamba, makube-kuwe njengokukholwa kwakho. Umfana wasinda ngaso lesosikhathi.
Umkhwekazi kaPetru nabanye abagulayo bayaphulukiswa
14UJesu wayesengena endlini kaPetru, wabona umkhwekazi wakhe elele phansi enomkhuhlane.
15Waphatha isandla sakhe, umkhuhlane wamyeka; wavuka, wamkhonza.
16Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abaningi abakhwelwe ngamademoni, wakhipha omoya ngezwi, waphulukisa bonke abagulayo,
17ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngoIsaya umprofethi ukuthi:
Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu,
wathwala izifo zethu.
Ukumlandela uJesu
18Kwathi uJesu ebona isixuku simhaqile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya.
19Kwase kufika umbhali, wathi kuye: Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.
20UJesu wayesethi kuye: Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.
21Kodwa omunye wabafundi bakhe wathi kuye: Nkosi, ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.
22Kepha uJesu wathi kuye: Ngilandele; yeka abafileyo bembele abafileyo babo.
Ukuthuliswa kwesivunguvungu
23Wayesengena emkhunjini; abafundi bakhe bamlandela.
24Bheka, kwavuka isiphepho esikhulu elwandle, umkhumbi waze wagujuzelwa ngamaza; kepha yena wayelele.
25Basondela, bamvusa, bathi: Nkosi, sisindise, safa.
26Wayesethi kubo: Nesabelani ninabokukholwa okuncane na? Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwabakhona ukuthula okukhulu.
27Kepha abantu bamangala, bathi: Unjani lo ukuba nomoya nolwandle kumlalele na?
Ukukhishwa kwamademoni
28Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara, kwahlangana naye ababili abakhwelwe ngamademoni, bephuma emathuneni, beyizidlova ezinkulu ngangokuba kwakungedlule-muntu ngaleyondlela.
29Bheka, bamemeza bathi: Sinamsebenzi muni nawe-Ndodana kaNkulunkulu? Uzé lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi-yiso isikhathi, na?
30Manje kwakukhona kude nabo umhlambi wezingulube eziningi ziklabile.
31Amademoni amncenga athi: Uma usikhipha, sithume ukuba singene emhlambini wezingulube.
32Wathi kuwo: Hambani. Ayesephuma, angena ezingulubeni; bheka, umhlambi wonke wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, wafela emanzini.
33Kodwa ababezalusa babaleka, baya emzini, babika konke, nalokho okwehlele abakhwelwe ngamademoni.
34Bheka, umuzi wonke waphuma ukuyomhlangabeza uJesu; bathé bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yelakubo.