Ukuhlalisana kwabaganeneyo
1Wasuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya nangaphesheya kweJordani; izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengokujwayela kwakhe.
2Kwase kusondela kuye abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo, bemlinga.
3Waphendula, wathi kubo: UMose waniyala ngokuthini na?
4Bathi: UMose wavuma ukuba kulotshwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe.
5UJesu wayesethi kubo: Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu wanilobela lowomyalo.
6Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane.
7Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe;
8labo ababili bayakuba-nyamanye; ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye.
9Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu makungahlukaniswa ngumuntu.
10Besendlini abafundi babuye bambuza ngalokho.
11Wathi kubo: Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga kuye.
12Naye, uma elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga.
Ukubusiswa kwabantwana
13Khona baletha kuye abantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi babakhuza.
14Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.
15Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.
16Wabagona, wababusisa ebeka izandla phezu kwabo.
Insizwa enothileyo
17Ekuphumeni kwakhe ukuya endleleni umuntu wagijimela kuye, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wambuza wathi: Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?
18Kepha uJesu wathi kuye: Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu.
19Uyayazi imiyalelo ukuthi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungamamuki umuntu utho, yazisa uyihlo nonyoko.
20Kepha wathi kuye: Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.
21UJesu wayesembheka, emthanda, wathi kuye: Usasilalelwe into inye; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba-negugu ezulwini; uze ungilandele.
22Kepha wanyukumala ngalelozwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu.
23UJesu waqalaza, wathi kubafundi bakhe: Kulukhuni kangakanani kwabanomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.
24Kepha abafundi bethuka ngamazwi akhe. UJesu wabuye waphendula, wathi kubo: Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabethemba umnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.
25Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.
26Bamangala kakhulu, bathi omunye komunye: Pho, kungasindiswa-bani na?
27UJesu ebabheka wathi: Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.
Umvuzo wokuzidela
28UPetru wathatha, wathi kuye: Bheka, thina sishiyé konke, sakulandela.
29UJesu wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Akukho-muntu oshiyé indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli,
30ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesisikhathi izindlu, nabafowabo, nawodadewabo, nawonina, nabantwana, namazwe kanye nokuzingelwa, nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.
31Kepha abaningi abokuqala bayakuba-ngabokugcina, nabokugcina babe-ngabokuqala.
UJesu ukhuluma futhi ngokufa nokuvuka kwakhe
32Babesendleleni bekhuphukela eJerusalema; uJesu wayehamba phambi kwabo; ababelandela babethukile, besaba. Wayesethatha futhi abayishumi nambili, waqala ukubatshela okuzakumehlela, ethi:
33Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife, bayikhaphele kwabezizwe;
34bazakuyiklolodela, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale; kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka.
UJesu ukhuza amadodana kaZebedewu
35Kwase kusondela kuye oJakobe noJohane amadodana kaZebedewu, bathi kuye: Mfundisi, siyathanda ukuba usenzele lokhu esizakukucela kuwe.
36Wathi kubo: Nifuna ukuba nginenzeleni na?
37Bathi kuye: Siphe ukuba sihlale, omunye ngakwesokunene sakho, omunye ngakwesokhohlo sakho enkazimulweni yakho.
38Kepha uJesu wathi kubo: Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engisiphuza mina, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo na?
39Bathi kuye: Singakwenza. UJesu wathi kubo: Isitsha engisiphuza mina niyakusiphuza, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina;
40kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselweyo.
41Bathi ukuzwa lokho abayishumi, baqala ukuthukuthelela oJakobe noJohane.
42UJesu wayesebabiza, wathi kubo: Niyazi ukuthi abathiwa babusa izizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo.
43Kepha akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba-mkhulu phakathi kwenu makabe-yisikhonzi senu,
44nalowo ofuna ukuba-ngowokuqala phakathi kwenu makabe-yinceku yabo bonke.
45Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube-yisihlengo sabaningi.
UBartimewu impumputhe
46Khona bafika eJeriko. Kwathi esaphuma eJeriko nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, indodana kaThimewu uBartimewu, isinxibi esiyimpumputhe, wayehlezi ngasendleleni.
47Wathi ukuba ezwe ukuthi nguJesu waseNazaretha, waqala ukumemeza ethi: Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!
48Abaningi bamkhuza, bathi kathule; kepha kwayikhona wamemeza kakhulu, ethi: Ndodana kaDavide, ngihawukele!
49Wayesema uJesu, wathi: Mbizeni. Bayibiza impumputhe, bathi kuyo: Yima isibindi, usukume; uyakubiza.
50Yayisilahla ingubo yayo, yagxuma, yaya kuJesu.
51UJesu washo kuyo, wathi: Ufuna ukuba ngikwenzeleni na? Impumputhe yathi kuye: Rabuni, ukuba ngibone.
52UJesu wathi kuyo: Hamba-ke; ukukholwa kwakho kukusindisile. Yayisibona khona-lapho, yamlandela endleleni.