Ukuchithwa kweNineve
1Kukhuphukela umchithi kuwe;
gcina inqaba,
ulinde indlela,
uqinise izinkalo zakho,
uwenze amandla akho ukuba aqine.
2Ngokuba uJehova uyabuyisa ukuphakama kukaJakobe
njengokuphakama kukaIsrayeli,
lokhu abathululayo bebathululile,
bachitha amagatsha emivini yabo.
3Izihlangu zamaqhawe akhe zibomvu,
amadoda anamandla embethe okubomvu;
izinqola zibengezela umlilo ensimbini
ngosuku lokuzilungisela kwakhe;
imikhonto iyaveva.
4Izinqola ziyahlanya ezitaladini,
ziyaficana ezigcawini;
ukubonakala kwazo kunjengezimbaqa,
zigijima njengemibani.
5Useyakhumbula izikhulu zakhe,
ziyakhubeka ekuhambeni kwazo;
zisheshela izingange zakhona,
izivikelo ziyalungiswa.
6Amasango emifula ayavulwa,
indlu yamakhosi iyancibilika.
7Kunqunyiwe: liyambulwa, lisuswe;
izincekukazi zalo zibubula
ngezwi lamajuba,
zibetha phezu kwezinhliziyo zazo.
8Kepha iNineve linjengechibi lamanzi kwasendulo,
nokho bayabaleka.
Yimani, yimani!
Kepha akakho ophendukayo.
9Phangani isiliva!
Phangani igolide!
Ngokuba akukho ukuphela kokunqwatshelweyo
nokukhazimula kwazo zonke izinto ezinxanelekayo.
10Liyize, alisenalutho, lichithekile;
inhliziyo iyancibilika, amadolo ayashayana,
imihelo isezinkalweni zonke,
nobuso babo bonke buphaphathekile.
11Uphi umphandu wezingonyama,
nedlelo lamabhongo ezingonyama,
lapho kwahamba ingonyama nengonyamakazi nebhongo lengonyama,
kungekho okwesabisayo, na?
12Ingonyama yadwengula okwanele amabhongo ayo,
yabindela izingonyamakazi zayo;
yagcwalisa imiphandu yayo ngempango
nemigede yayo ngengcugco.
13Bheka, ngimelene nawe,
usho uJehova-Sebawoti;
ngiyakushisa izinqola zakho emsini,
inkemba idle amabhongo akho ezingonyama;
ngiyakunquma impango yakho emhlabeni,
nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.