UBileyamu uyaphinda ukubusisa uIsrayeli; ubuyela ekhaya
1UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa uIsrayeli, akayanga njengakuqala ukulindela imilingo, kepha wabhekisa ubuso bakhe ngasehlane.
2UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona uIsrayeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.
3Wayesethatha isisho sakhe, wathi:
UBileyamu indodana kaBeyori uthi,
umuntu omehlo akhe avuliwe uthi,
4ozwileyo amazwi kaNkulunkulu,
obonile umbono kaSomandla uthi,
ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe:
5Mahle kangaka amatende akho, Jakobe,
namatabernakele* akho, Israyeli.
6Elulekile njengezigodi,
njengamasimu ngasemfuleni,
njengemihlaba ayitshalile uJehova,
njengemisedari* ngaseceleni kwamanzi.
7Amanzi ayakugobhoza, aphume ezimbizeni zakhe,
imbewu yakhe ibe-semanzini amaningi,
inkosi yakhe ibe-nkulu kunoAgagi,
umbuso wakhe uphakame.
8UNkulunkulu wamkhipha eGibithe;
unjengezimpondo zenyathi kubo;
uyakuqeda izizwe, izitha zakhe,
aphule amathambo azo,
azigwaze ngemicibisholo yakhe.
9Wabuthalala, walala phansi njengengonyama,
nanjengengonyamakazi; ngubani oyakumvusa na?
Mababusiswe bonke abakubusisayo,
baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.
10Ulaka lukaBalaki lwamvuthela uBileyamu, washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu: Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami; bheka, ubabusisile nokubabusisa kathathu.
11Ngalokho baleka uye endaweni yakho; bengithi ngiyakukunika udumo olukhulu; kepha bheka, uJehova ugodlile udumo kuwe.
12UBileyamu wathi kuBalaki: Angikhulumanga yini kuzo izithunywa zakho owazithuma kimi ukuthi:
13Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma, na?
14Bheka manje, ngibuyela kubantu bakithi; woza ngikumemezelele ukuthi lababantu bayakwenzani kubantu bakini ngezinsuku ezizayo.
15Wayesethatha isisho sakhe, wathi:
UBileyamu indodana kaBeyori uthi,
umuntu oso lakhe livuliwe uthi,
16ozwileyo amazwi kaNkulunkulu,
owazi ukwazi koPhezukonke,
obonile umbono kaSomandla,
ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe, uthi:
17Ngiyambona, kepha kungemanje;
ngiyambheka, kodwa kungeseduze;
kuyakuvela inkanyezi kuJakobe,
nentonga yobukhosi iyakuvuka kwaIsrayeli,
ishaye uMowabi emaceleni,
ichithe onke amadodana kaSeti.
18UEdomi uyakuba-yifa;
uSeyiri uyakuba-yifa naye, owayengowezitha zakhe,
uIsrayeli esenza okubuqhawe.
19Uyakuvela kuJakobe,
achithe insali emzini.
20Wayesembuka uAmaleki, wathatha isisho sakhe, wathi:
UAmaleki wayengesokuqala sezizwe,
kepha ukugcina kwakhe kungukubhubha.
21Wayesewabuka amaKheni, wathatha isisho sakhe, wathi:
Inamandla indawo yakho yokuhlala;
isidleke sakho simisiwe edwaleni.
22Nokho uKayini uyakuchithwa
uze uthunjwe nguAshuri.
23Wathatha isisho sakhe, wathi:
Maye, ngubani oyakuphila,
lapho uNkulunkulu ekwenza lokhu, na?
24Imikhumbi iyakuvela ogwini lwaseKitimi,
imhluphe uAshuri, imhluphe uEbere,
naye aye ekubhujisweni.
25UBileyamu wayesesuka, wahamba, wabuyela endaweni yakhe; uBalaki wahamba ngeyakhe indlela.