Ukubalwa okusha kwezizwe zakwaIsrayeli
1Kwathi emva kwalesosifo uJehova wakhuluma kuMose nakuEleyazare indodana ka-Aroni umpristi, wathi:
2Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwaIsrayeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezindlu zawoyise, bonke abakwaIsrayeli abangaphuma impi.
3OMose noEleyazare umpristi bakhuluma nabo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi:
4Yebo, bona abaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwaIsrayeli abaphuma ezweni laseGibithe.
5URubeni, izibulo likaIsrayeli: amadodana kaRubeni: kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki; kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu;
6kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi; kwaKarmi: ngumndeni wakwaKarmi.
7Yileyo eyimindeni yabakwaRubeni; ababalwayo kuyo babeyizinkulungwane ezingamashumi amane nantathu namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.
8Amadodana kaPhalu: nguEliyabe.
9Amadodana kaEliyabe: ngoNemuweli, noDathani, noAbiramu. Laba bangoDathani noAbiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose noAroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova;
10umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya kanye noKora ekufeni kwaleloviyo, lapho umlilo waqeda amadoda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba-yisixwayiso.
11Kepha amadodana kaKora awafanga.
12Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo: kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli; kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini; kwaJakini: ngumndeni wakwaJakini;
13kwaZera: ngumndeni wakwaZera; kwaShawule: ngumndeni wakwaShawule.
14Yileyo eyimindeni yabakwaSimeyoni, izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili.
15Amadodana kaGadi ngemindeni yawo: kwaSefoni: ngumndeni wakwaSefoni; kwaHagi: ngumndeni wakwaHagi; kwaShuni: ngumndeni wakwaShuni;
16kwaOzini: ngumndeni wakwaOzini; kwaEri: ngumndeni wakwaEri;
17kwa-Arodi: ngumndeni wakwa-Arodi; kwa-Areli: ngumndeni wakwa-Areli.
18Yileyo eyimindeni yamadodana kaGadi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
19Amadodana kaJuda: ngoEri no-Onani; oEri no-Onani bafela ezweni laseKhanani.
20Amadodana kaJuda ngemindeni yawo: kwaShela: ngumndeni wakwaShela; kwaPheresi: ngumndeni wakwaPheresi; kwaZera: ngumndeni wakwaZera.
21Amadodana kaPheresi: kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi; kwaHamule: ngumndeni wakwaHamule.
22Yileyo eyimindeni kaJuda ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nesithupha namakhulu ayisihlanu.
23Amadodana kaIsakare ngemindeni yawo: kwaThola: ngumndeni wakwaThola; kwaPhuva: ngumndeni wakwaPhuva;
24kwaJashubi: ngumndeni wakwaJashubi; kwaShimroni: ngumndeni wakwaShimroni.
25Yileyo eyimindeni kaIsakare ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amathathu.
26Amadodana kaZebuloni ngemindeni yawo: kwaSeredi: ngumndeni wakwaSeredi; kwaEloni: ngumndeni wakwaEloni; kwaJaleli: ngumndeni wakwaJaleli.
27Yileyo eyimindeni yabakwaZebuloni ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha namakhulu ayisihlanu.
28Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo: ngoManase noEfrayimi.
29Amadodana kaManase: kwaMakiri: ngumndeni wakwaMakiri; uMakiri wazala uGileyadi; kwaGileyadi: ngumndeni wakwaGileyadi.
30Lawa angamadodana kaGileyadi: kwaIyezeri: ngumndeni wakwaIyezeri; kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki;
31kwa-Asiriyeli: ngumndeni wakwa-Asiriyeli; kwaShekemi: ngumndeni wakwaShekemi;
32kwaShemida: ngumndeni wakwaShemida; kwaHeferi: ngumndeni wakwaHeferi.
33USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa.
34Yileyo eyimindeni kaManase; ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nambili namakhulu ayisikhombisa.
35Lawa angamadodana kaEfrayimi ngemindeni yawo: kwaShuthela: ngumndeni wakwaShuthela; kwaBekeri: ngumndeni wakwaBekeri; kwaThahani: ngumndeni wakwaThahani.
36Lawa angamadodana kaShuthela: kwaEranu: ngumndeni wakwaEranu.
37Yileyo eyimindeni yamadodana kaEfrayimi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu ayisihlanu. Lawo angamadodana kaJosefa ngemindeni yawo.
38Amadodana kaBenjamini ngemindeni yawo: kwaBela: ngumndeni wakwaBela; kwa-Ashibeli: ngumndeni wakwa-Ashibeli; kwa-Ahiramu: ngumndeni wakwa-Ahiramu;
39kwaShefufamu: ngumndeni wakwaShufamu; kwaHufamu: ngumndeni wakwaHufamu.
40Amadodana kaBela ayengoArida noNahamani; kwa-Arida: ngumndeni wakwa-Arida; kwaNahamani: ngumndeni wakwaNahamani.
41Yilawo angamadodana kaBenjamini ngemindeni yawo; ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha.
42Lawa angamadodana kaDani ngemindeni yawo: kwaShuhamu: ngumndeni wakwaShuhamu. Yileyo eyimindeni kaDani ngemindeni yayo.
43Yonke imindeni yabakwaShuhamu ngokwababalwayo kubo yayiyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amane.
44Amadodana ka-Asheri ngemindeni yawo: kwaJimna: ngumndeni wakwaJimna; kwaJishiwi: ngumndeni wakwaJishiwi; kwaBeriya: ngumndeni wakwaBeriya.
45Kumadodana kaBeriya: kwaHebere: ngumndeni wakwaHebere; kwaMalikiyeli: ngumndeni wakwaMalikiyeli.
46Igama lendodakazi ka-Asheri lalinguSera.
47Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Asheri ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.
48Amadodana kaNafetali ngemindeni yawo: kwaJaseli: ngumndeni wakwaJaseli; kwaGuni: ngumndeni wakwaGuni;
49kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri; kwaShilemi: ngumndeni wakwaShilemi.
50Yileyo eyimindeni kaNafetali ngemindeni yayo; ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu amane.
51Yilabo ababalwayo babantwana bakwaIsrayeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.
52UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
53Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo, libe-yifa labo njengokomumo wamagama.
54Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye.
55Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.
56Ngokwenkatho izwe liyakwahlukaniswa phakathi kwabaningi nabayingcosana.
57Nampa ababalwayo bamaLevi ngemindeni yawo: kwaGereshoni: ngumndeni wakwaGereshoni; kwaKohati: ngumndeni wakwaKohati; kwaMerari: ngumndeni wakwaMerari.
58Nansi imindeni yamaLevi: ngumndeni wakwaLibini, nomndeni wakwaHebroni, nomndeni wakwaMaheli, nomndeni wakwaMushi, nomndeni wakwaKora. UKohati wazala uAmramu.
59Igama lomka-Amramu lalinguJokebedi indodakazi kaLevi, owazalelwa uLevi eGibithe; wazalela uAmramu oAroni noMose noMiriyamu udadewabo.
60UAroni wazala oNadabi, noAbihu, noEleyazare, noItamari.
61ONadabi noAbihu bafa, lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova.
62Ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli.
63Yilabo ababalwa nguMose nanguEleyazare umpristi ababala abantwana bakwaIsrayeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.
64Kepha phakathi kwalabo kwakungekho-muntu wababebaliwe nguMose nanguAroni umpristi, ababala abantwana bakwaIsrayeli ehlane laseSinayi.
65Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: Bayakufa nokufa ehlane. Akusalanga-muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.