Imithetho yeminikelo yemihla yonke
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Yala abantwana bakwaIsrayeli, uthi kubo: Umnikelo wami, isinkwa sami seminikelo yami yomlilo yephunga elimnandi kimi, niyakuqaphela ukunikela ngawo kimi ngesikhathi sawo.
3Wothi kubo: Lo ungumnikelo womlilo eniyakunikela ngawo kuJehova: izimvu zamaduna ezinomnyaka munye ezingenasici, zibe-zimbili njalo ngosuku, zibe-ngumnikelo oshiswa imihla yonke.
4Enye imvu uyakunikela ngayo ekuseni, enye imvu unikele ngayo kusihlwa,
5kanye nokweshumi kwe-efa* lempuphu ecolekileyo ibe-ngumnikelo wempuphu, exovwé nokwesine kwehini* lamafutha agxotshelweyo.
6Kungumnikelo oshiswa imihla yonke, owamiswa entabeni yaseSinayi ubeyiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
7Umnikelo wawo wokuphuzwa uyakuba-ngokwesine kwehini* ngemvu inye; endaweni engcwele uyakuthululela uJehova umnikelo wokuphuzwa wophuzo olunamandla.
8Enye imvu uyakunikela ngayo kusihlwa, unikele ngayo ibe-njengomnikelo wempuphu wasekuseni nomnikelo wawo wokuphuzwa, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.
Imithetho yomnikelo wesabatha neyezinyanga ezethwasayo
9Ngosuku lwesabatha izimvu zamaduna ezimbili ezinomnyaka munye ezingenasici, nokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo kube-ngumnikelo wempuphu exovwé namafutha kanye nomnikelo wawo wokuphuzwa:
10lokhu kungumnikelo oshiswa amasabatha onke ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.
11Ekwethwaseni kwenyanga niyakunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova: amaduna amabili, nenqama ibenye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici,
12kanye nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo ibe-ngumnikelo wempuphu exovwé namafutha ngaleyo naleyonkunzi, kanye nokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo kube-ngumnikelo wempuphu exovwé namafutha ngenqama inye,
13nokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwé namafutha kube-ngumnikelo wempuphu ngaleyo naleyomvu, umnikelo wokushiswa wephunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
14Umnikelo wabo wokuphuzwa uyakuba-yinxenye yehini* lewayini ngenkunzi, nokwesithathu kwehini* ngenqama, nokwesine kwehini ngemvu; lokhu kungumnikelo wokushiswa wezinyanga zonke kuzo zonke izinyanga zomnyaka.
15Nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono kuJehova; kuyakunikelwa ngayo kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.
Imithetho yemikhosi emikhulu
16Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane lwenyanga kuyiphasika likaJehova.
17Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyonyanga kuyakuba-ngumkhosi, kudliwe isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.
18Ngosuku lokuqala kuyakuba-khona umhlangano ongcwele; ningasebenzimsebenzi,
19kepha ninikele ngomnikelo womlilo, umnikelo wokushiswa kuJehova, amaduna amabili, nenqama ibenye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye, zibe-ngezingenasici kini,
20kanye nomnikelo wazo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwé namafutha, ninikele ngokweshumi okuthathu ngenkunzi nangokweshumi okubili ngenqama,
21unikele ngokweshumi ngaleyo naleyomvu yezimvana eziyisikhombisa,
22nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono, ukunenzela ukubuyisana;
23ninikele ngalokho kanye nomnikelo oshiswa ekuseni, ongumnikelo oshiswa imihla yonke.
24Niyakunikela kanjalo imihla yonke kube-yizinsuku eziyisikhombisa, isinkwa somnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova; kuyakunikelwa ngakho kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.
25Ngosuku lwesikhombisa niyakubanomhlangano ongcwele; ningasebenzimsebenzi.
26Ngosuku lolibo, lapho ninikela ngomnikelo omusha wempuphu kuJehova emkhosini wenu wamasonto, niyakuba-nomhlangano ongcwele; ningasebenzi-msebenzi,
27kepha ninikele ngomnikelo wokushiswa wephunga elimnandi: amaduna amabili, nenqama ibenye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye,
28kanye nomnikelo wazo wempuphu, impuphu exovwé namafutha, okweshumi okuthathu ngaleyo naleyonkunzi, nokweshumi okubili ngenqama inye,
29nokweshumi ngaleyo naleyomvu yezimvana eziyisikhombisa,
30nempongo ibenye ukunenzela ukubuyisana.
31Niyakunikela ngazo ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu, zibe-ngezingenasici kini, kanye neminikelo yazo yokuphuzwa.