Imithetho yezithembiso
1UMose wayesekhuluma kuzo izinhloko zezizwe zabantwana bakwaIsrayeli, ethi: Yilokhu uJehova ayalé ngakho ukuthi:
2Nxa umuntu enza isithembiso kuJehova, noma efunga isifungo ukubopha umphefumulo wakhe ngesibopho esithile, akayikwaphula izwi lakhe; uyakwenza njengakho konke okuphuma emlonyeni wakhe.
3Uma owesifazane enza isithembiso kuJehova, azibophe ngesibopho esithile esendlini kayise, esemusha,
4uyise esizwa lsithembiso sakhe nesibopho sakhe abophé ngaso umphefumulo wakhe, engasho-lutho kuye, izithembiso zakhe zonke ziyakuma, nazo zonke izibopho abophé ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma;
5kepha uma uyise emalela ngosuku akuzwa ngalo, akuyikuma nesisodwa sezithembiso zakhe nesezibopho zakhe abophé ngazo umphefumulo wakhe; uJehova uyakumthethelela, ngokuba uyise umalele.
6Uma engowendoda, izithembiso zakhe zisephezu kwakhe noma okuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophé ngakho umphefumulo wakhe,
7indoda yakhe beseyikuzwa, ingasholutho kuye ngosuku ekuzwa ngalo, izithembiso zakhe ziyakuma, nezibopho zakhe abophé ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma;
8kepha uma indoda yakhe imalela ngosuku ekuzwa ngalo, iyakwenza ize isithembiso sakhe esiphezu kwakhe nokuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophé ngakho umphefumulo wakhe, uJehova amthethelele.
9Kepha isithembiso somfelokazi noma esolahliweyo, konke abophé ngakho umphefumulo wakhe kuyakuma kuye.
10Uma enzile isithembiso endlini yendoda yakhe, noma ebophé ngesibopho umphefumulo wakhe ngesifungo,
11indoda yakhe beseyikuzwa, ingasholutho kuye, ingamalelanga, zonke izithembiso zakhe ziyakuma, nazo zonke izibopho abophé ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma;
12kepha uma indoda yakhe izenza ize ngosuku ezizwa ngalo, konke okuphuma emlonyeni wakhe mayelana nezithembiso zakhe namayelana nesibopho somphefumulo wakhe akuyikuma; indoda yakhe ikwenzile ize; uJehova uyakumthethelela.
13Zonke izithembiso nazo zonke izifungo ezibophayo zokuthobisa umphefumulo, indoda yakhe ingaziqinisa, noma indoda yakhe izenze ize.
14Kepha uma indoda yakhe ithula nokuthula kuye izinsuku ngezinsuku, iyaqinisa zonke izithembiso zakhe nazo zonke izibopho zakhe eziphezu kwakhe; iziqinisile, ngokuba ithulile kuye ngosuku eyazizwa ngalo;
15kepha uma izenza ize lapho isizizwile, iyakuthwala ububi bakhe.
16Yilezo izimiso uJehova ayala ngazo uMose phakathi kwendoda nomkayo, naphakathi kukayise nendodakazi yakhe isentsha endlini kayise.