Ukugana kwamadodakazi kaSelofehadi
1Izinhloko zezindlu zawoyise bomndeni wabantwana bakwaGileyadi kaMakiri kaManase, abemindeni yamadodana kaJosefa, zasondela, zakhuluma phambi kukaMose naphambi kwezikhulu, izinhloko zezindlu zawoyise babantwana bakwaIsrayeli,
2zathi: UJehova wayiyala inkosi yami ukubanika abantwana bakwaIsrayeli izwe libe-yifa labo ngenkatho; inkosi yami yayalwa futhi nguJehova ukuba ifa likaSelofehadi umfowethu iwanike lona amadodakazi akhe.
3Uma egana amadodana ezinye izizwe zabantwana bakwaIsrayeli, ifa lawo liyakususwa efeni lawobaba, lithasiselwe efeni lalesosizwe ayakuba-ngawaso, kususwe efeni lezwe lethu.
4Lapho liyakuba-khona ijubili* labantwana bakwaIsrayeli, ifa lawo liyakuthasiselwa efeni lalesosizwe ayakuba-ngawaso, ifa lawo lisuswe efeni lesizwe sawobaba.
5UMose wabayala abantwana bakwaIsrayeli njengezwi likaJehova, wathi: Isizwe samadodana kaJosefa sikhulumé kahle.
6Yilokho ayala ngakho uJehova ngamadodakazi kaSelofehadi, ethi: Mawagane njengokuhle emehlweni awo, kodwa agane nokho emndenini wesizwe sikayise.
7Ifa labantwana bakwaIsrayeli aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba abantwana bakwaIsrayeli bayakunamathela, kube-yilowo nalowo efeni lesizwe sawoyise.
8Yileyo naleyondodakazi enefa esizweni esithile sabantwana bakwaIsrayeli iyakuba-ngumfazi wowomndeni wesizwe sikayise, ukuze yilowo nalowo wabantwana bakwaIsrayeli abe-nefa lawoyise.
9Ifa aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba izizwe zabantwana bakwaIsrayeli ziyakunamathela, kube-yileso naleso efeni laso.
10Njengalokho uJehova emyalile uMose, enze njalo-ke amadodakazi kaSelofehadi,
11ngokuba oMahela, noTirisa, noHogila, noMilka, noNowa, amadodakazi kaSelofehadi, agana amadodana awoyisekazi.
12Agana emindenini yamadodana kaManase indodana kaJosefa, nefa lawo lahlala esizweni somndeni kayise.
13Leyo iyimiyalo nezahlulelo uJehova ayala ngakho ngesandla sikaMose abantwana bakwaIsrayeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.