Imithetho yokuhlanzeka kwekamu*
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Yala abantwana bakwaIsrayeli ukuba bakhiphe ekamu* bonke abanochoko, nabo bonke abacucayo, nabo bonke abangcoliswé ngabafileyo,
3nikhiphe abesilisa nabesifazane, nibakhiphele ngaphandle kwekamu ukuba bangangcolisi ikamu engihlala phakathi kwalo.
4Abantwana bakwaIsrayeli benze njalo, babakhiphela ngaphandle kwekamu; njengalokho uJehova ekhulumé kuMose, benze njalo-ke abantwana bakwaIsrayeli.
Isijeziso sokuphambana noJehova
5UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
6Yisho kubantwana bakwaIsrayeli, uthi: Nxa owesilisa noma owesifazane enza isono esenziwa ngabantu ukuphambeka kuJehova, lowomuntu abesebanecala,
7uyakuvuma isono sakhe asenzileyo, alikhokhe icala lakhe ngokupheleleyo, athasisele kukho okwesihlanu, akunike lowo abe-necala kuye.
8Kepha uma umuntu engenasihlobo elingakhokhelwa kuso icala, inkokhelo yecala eyenzelwa uJehova iyakuba-ngeyompristi, ngaphandle kwenqama yokubuyisana ayakwenzelwa ukubuyisana ngayo.
9Yonke iminikelo yokuphakanyiswa yezinto ezingcwele zabantwana bakwaIsrayeli abanikela ngayo kumpristi iyakuba-ngeyakhe.
10Izinto ezingcwele zalowo nalowo ziyakuba-ngezakhe; noma kungabayini umuntu akunika umpristi, kuyakuba-ngokwakhe.
Imithetho yomfazi ophingayo
11UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
12Yisho kubantwana bakwaIsrayeli, uthi kubo: Uma umfazi womuntu eduka, aphambuke kuye,
13alale nenye indoda kusithekile emehlweni endoda yakhe, kufihlwe, angcoliswe, kungekho-fakazi nokho ngaye, futhi engabanjwanga,
14afikelwe ngumoya wesikhwele, abenesikhwele ngomkakhe, yena engcolisiwe, noma efikelwe ngumoya wesikhwele, abenesikhwele ngomkakhe kodwa yena engangcoliswanga,
15indoda iyakuletha umkayo kumpristi, imlethele umnikelo wakhe, ube-ngokweshumi kwe-efa* lempuphu yebhali*, angatheli-mafutha kuyo, angabeki nanhlaka kuyo, ngokuba kungumnikelo wempuphu wesikhwele, umnikelo wempuphu wesikhumbuzo sokukhumbuza ngobubi.
16Umpristi uyakumsondeza, ambeke phambi kukaJehova,
17umpristi athathe amanzi angcwele esitsheni sebumba, athathe kulo uthuli oluphansi etabernakele*, alufake emanzini,
18umpristi ambeke owesifazane phambi kukaJehova, athukulule izinwele zekhanda lowesifazane, afake umnikelo wempuphu wesikhumbuzo ezandleni zakhe, ongumnikelo wempuphu wesikhwele; umpristi abe-namanzi ababayo esandleni sakhe aveza isiqalekiso,
19umpristi amfungise, athi kowesifazane: Uma kungalalanga-ndoda nawe, ungadukelanga ekungcoleni usephansi kwendoda yakho, mawukhululeke kulawamanzi ababayo aveza isiqalekiso;
20kepha uma udukile usephansi kwendoda yakho, futhi ungcolisiwe, kulalé nawe enye indoda ngaphandle kwendoda yakho,
21umpristi uyakufungisa owesifazane ngesifungo sesiqalekiso, umpristi athi kowesifazane: UJehova makakwenze isiqalekiso nesifungo phakathi kwabantu bakini, lapho uJehova eshwabanisa ithanga lakho, avuvukalise isisu sakho;
22lawamanzi aveza isiqalekiso ayakungena ezibilinini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho; owesifazane uyakuthi: Amen, Amen.
23Umpristi uyakubala leziziqalekiso encwadini, azesule ngamanzi ababayo,
24aphuzise owesifazane amanzi ababayo aveza isiqalekiso; amanzi aveza isiqalekiso ayakungena kuye, ababe.
25Umpristi uyakuthatha umnikelo wempuphu wesikhwele esandleni sowesifazane, azulise umnikelo wempuphu phambi kukaJehova, awulethe ealtare;
26umpristi uyakucaphuna ukhweshe womnikelo wempuphu, ube-yisikhumbuzo sawo, awushise ealtare, andukuba amphuzise owesifazane amanzi.
27Nxa esemphuzisile amanzi, kuyakuthi uma engcolisiwe waphambuka endodeni yakhe, amanzi aveza isiqalekiso angene kuye, ababe, isisu sakhe sivuvukale, ithanga lakhe lishwabane, owesifazane aqalekiswe phakathi kwabantu bakubo.
28Kepha uma owesifazane engangcolisiwe kodwa ehlambulukile, uyakukhululeka, athole inzalo.
29Lowo ungumthetho wesikhwele, lapho umfazi esephansi kwendoda yakhe eduka, angcoliswe,
30noma lapho indoda ifikelwa ngumoya wesikhwele, ibe-nesikhwele ngomkayo; khona iyakumbeka owesifazane phambi kukaJehova, umpristi agcine wonke lomthetho kuye.
31Indoda iyakukhululeka ebubini, kepha owesifazane uyakubuthwala ububi bakhe.